UMBONO WEBHAYIBHELI
Ukusebenzelana Nemimoya
Ingabe akulungile ukuzama ukuxhumana nabafileyo?
“Ningaphendukeli kwabanemimoya, . . . ukuze ningcoliswe yibo.”
—Levitikusi 19:31.
OKUSHIWO ABANTU
Kuyaqondakala ukuthi abantu bafuna isiqinisekiso sokuthi isihlobo sabo esishonile asihlupheki. Ngakho bathi: “Kungani singazami ukuxhumana naye ngosizo lwabaphansi, noma izangoma, ababhulayo? Mhlawumbe ababonayo bangasinikeza umbono othile kanye nokuthula kwengqondo.”
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
IBhayibheli aligwegwesi ngokuphathelene nemizamo yabantu yokuxhumana nabafileyo
Ingabe abafileyo bangabathonya abaphilayo?
“Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.”
—UmShumayeli 9:5.
OKUSHIWO ABANTU
Iningi labantu lithi abafileyo bayaqhubeka bephila ngandlela thile. Ngakho, bangase bazame ukukhuluma nabafileyo, mhlawumbe bazame ukuthola ukwaziswa okuthile noma bashweleze kubo ngethemba lokuthi bazophila ukuphila okunokuthula.
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
“Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho . . . Uthando lwabo nenzondo yabo nomhawu wabo [imizwa ababenayo besaphila] sekushabalele kakade.” (UmShumayeli 9:
Ingabe abasebenzelana nemimoya abakwazi ukusinika imininingwane enembile ngezinye izikhathi?
‘Ingabe abantu kufanele babuze kwabafileyo ngenxa yabantu abaphilayo?’
—Isaya 8:19.
OKUSHIWO ABANTU
Abanye bathi abasebenzelana nemimoya bayakwazi ukwambula ulwazi okufanele lwaziwe abafileyo nemindeni yabo kanye nabangane babo kuphela.
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
Eyoku-1 Samuweli isahluko 28, ilandisa ngendlela inkosi engathembekile egama layo linguSawule eyawephula ngayo umthetho kaNkulunkulu othi kungabuzwa kwabasebenzelana nemimoya. Wancenga owesifazane osebenzelana nemimoya, owabonakala sengathi ukhuluma nomuntu kaNkulunkulu osewafa ogama lakhe linguSamuweli. Kodwa ingabe wayexhumane noSamuweli ngempela? Cha! Empeleni, wayekhuluma nomkhohlisi
Lowo mkhohlisi kwakuwumoya omubi, isithunywa ‘sikayise wamanga’
Ingabe lokhu osekushiwo kusho ukuthi alikho ithemba ngabafileyo? Akunjalo neze! IBhayibheli lithembisa uvuko lwesikhathi esizayo lwalabo okunjengokungathi ‘balele’ emathuneni. * (Johane 11:
^ isig. 16 Isahluko 7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? sinesihloko esithi “Ithemba Langempela Ngabathandekayo Bakho Abafile.”