Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingayithuthukisa Kanjani Indlela Engikhuluma Ngayo Nabanye?

Ngingayithuthukisa Kanjani Indlela Engikhuluma Ngayo Nabanye?

 Kungani kukuhle ukuxoxa ubuso nobuso?

 Abanye abantu bathi kunzima futhi kuyakhathaza ukuxoxa nomuntu ubuso nobuso, ikakhulukazi uma kuqhathaniswa nokuthumela umyalezo.

 “Kunzima kakhulu ukuxoxa nomuntu ubuso nobuso ngoba awukwazi ukuwabuyisela emuva amazwi osuwashilo.”—U-Anna

 “Ukuthumela umyalezo kunjengohlelo oseluqoshiwe kakade lwalungiswa amaphutha, kanti ukukhuluma nomuntu ubuso nobuso kunjengohlelo olungaqoshiwe oludlala ngaso leso sikhathi. Engisuke ngikucabanga nje lapho ngikhuluma ukuthi, ‘Ungabhedi!’”—UJean

 Nokho, uzolidinga ikhono lokukhuluma nabanye ubuso nobuso. Ngokwesibonelo, uzolidinga leli khono lapho ufisa ukuba nabangani abasha, ukuthola umsebenzi futhi uwugcine, noma lapho ufuna ukuthandana nothile uma usukulungele.

 Okuhle ukuthi ukukhuluma nabanye ubuso nobuso akufanele kukwethuse. Ungakwazi ukukhuluma ubuso nobuso nabanye ngisho noma ungumuntu onamahloni.

 “Ngezinye izikhathi sonke sisho izinto ezingezinhle bese sizizwa siphoxekile. Ungalindeli ukuthi ngeke uwenze amaphutha.”—UNeal.

 Indlela yokuqala ingxoxo

  •   Buza imibuzo. Cabanga ngento abantu abangase bayithande, bese uyisebenzisa ukuze uqale ingxoxo. Ngokwesibonelo:

     “Ibinjani impelasonto yakho?”

     “Kukuphi ekhaya?”

     “Uzwile ezindabeni ukuthi . . . ?”

     Okunye ongase ukucabange, ukuthi iziphi izinto enifana ngazo nalowo muntu oxoxa naye. Ngokwesibonelo, ingabe nifunda esikoleni esisodwa noma ingabe nenza umsebenzi ofanayo? Yibe ususebenzisa lokho ukuze uqale ingxoxo.

     “Cabanga ngemibuzo oyithandayo nongathanda ukuzwa abantu beyiphendula.”—UMaritza.

     Qaphela: Ungamxini umuntu oxoxa naye njengokungathi ungumseshi. Zama nokungayibuzi imibuzo ebangela amahloni. Imibuzo enjengethi, “Yini oyisaba kakhulu?” noma “Kungani uhlezi ugqoke izimpahla eziwumbala owodwa?”, ingase yenze abanye bazizwe bengakhululekile. Umbuzo wesibili ungase uzwakale sengathi uyagxeka!

     Enye indlela yokugwema ukuzwakala njengomseshi, ukumtshela ukuthi wena ucabangani futhi uzizwa kanjani ngalowo mbuzo owubuzile, ngaphambi kokuba awuphendule noma ngemva kokuba esewuphendulile. Ngamanye amazwi, yenza kube yingxoxo kungabi imibuzo nezimpendulo nje.

    Ingabe imibuzo oyibuzayo ukwenza ubonakale njengomseshi?

     Okushiwo iBhayibheli: “Imicabango yenhliziyo yomuntu injengamanzi ajulile, kodwa umuntu onokuqonda uyayikhipha.”—IzAga 20:5.

  •   Yiba isilaleli esihle. Ukuze ube nengxoxo ephumelelayo okubaluleke kakhulu ukuba isilaleli esihle kunokuba yigagu ekukhulumeni.

     “Ngikwenza umgomo wami ukufunda into entsha eyodwa ngomuntu engisuke ngikhuluma naye. Ngemva kwalokho, ngiyazama ukukhumbula lokho lowo muntu angixoxele khona ukuze ngizombuza ngakho lapho sesixoxa ngokulandelayo.”—UTamara.

     Qaphela: Ungakhathazeki ukuthi yini ozoyisho ngemva kwempendulo. Uma umlalelisisa uzokwazi ukuthi ungamphendula kanjani lo muntu oxoxa naye.

     Okushiwo iBhayibheli: ‘Kumele usheshe ukulalela, uphuze ukukhuluma.’—Jakobe 1:19.

  •    Bonisa ukuthi unendaba. Ingxoxo uzoyijabulela kakhudlwana uma umkhathalela umuntu okhuluma naye.

     “Ngisho noma ngezinye izikhathi ungase ungazi ukuthi uthini, lapho ubonisa ukuthi unendaba ngempela nalokho umuntu oxoxa naye akushoyo, ingxoxo yenu izoba mnandi .”—UMarie.

     Qaphela: Ungabe usubuza izinto ezingakudingi. Njengokuthi, “Laze lalihle ijazi lakho. Ulithenge ngamalini?”, lokho kungase kumcasule omunye umuntu!

     Okushiwo iBhayibheli: “Ningacabangeli izindaba zenu nje kuphela, kodwa nikhathalela nabanye.”—Filipi 2:4.

 Ungayiphetha kanjani ingxoxo? Insizwa okuthiwa uJordan iyasikisela, “Zama ukuphetha ingxoxo ngokusho into eyakhayo. Ukusho into enjengokuthi, ‘Kube mnandi ukuxoxa nawe’ noma ‘Sengathi ungaba nosuku oluhle’ kungase kwenze ingxoxo yenu elandelayo ibe lula.”