Dlulela kokuphakathi

Ukufunda Ngemidwebo

Lezi ziqeshana zama-video zikhuluma ngezindaba ezibalulekile kodwa zenza kube mnandi ukufunda ngazo!

 

Kungani Kufanele Uthembeke?

Ingabe udinga ukuqamba amanga ukuze uphumelele? Zibonele ukuthi kungani kukuhle ukwethembeka.

Hlakanipha—Uhlanzeke

Ukugcina izinto zihlelekile futhi zihlanzekile kuhlale kuyinto enhle kuwe nakubantu abakuzungezile. Kungakwenza uhlale ungumqemane kunciphise nokukhathazeka.

Luyini Ubandlululo?

Leli gciwane eliwubandlululo selibaqedile abantu. Vumela iBhayibheli likusize uqikelele ukuthi awulitholi.

Zivikele Emangeni

Ungakholwa yiyo yonke into oyizwayo noma oyifundayo. Funda indlela yokuhlaziya imininingwane ukuze usiphule amanga.

Ungakuvumeli Ukuphila Kwakho Kushabalale Njengentuthu

Njengoba abantu abaningi bebhema noma bebhema besebenzisa i-vape, abanye bayekile ukubhema kanti abanye bazama kanzima ukuyeka. Kungani? Ingabe ukubhema kubi ngaleyo ndlela?

Nqoba Ukudangala Ujabule

Yini ongayenza uma ucindezelwe ukudangala?

Okufanele Ukwazi Ngezemidlalo

Ezemidlalo zingakufundisa amakhono ahlukahlukene, okuhlanganisa nokusebenzelana nabanye. Ingabe imidlalo kufanele ibe enye yezinto ezibalulekile kakhulu ekuphileni kwakho?

Cabanga Ngemiphumela Yokuphuza

Abaningi bayazisola kamuva ngezinto abazisho noma bazenza lapho bephuzile. Ungazivikela kanjani ezinkingeni nasezingozini ezibangelwa ukudakwa?

Ngingaxoxa Kanjani Nabazali Bami?

Ngingaxoxa kanjani nabazali bakho uma uzizwa ungathandi ukuxoxa?

Ingabe Imishini Yakho Yezobuchwepheshe Iyakubusa?

Nakuba uphila ezweni lezobuchwepheshe, akufanele likulawule. Ungabona kanjani ukuthi usuwumlutha womshini wakho? Uma unenkinga yalokhu, ungazishintsha kanjani izinto?

Ngingayigwema Kanjani Inhlebo?

Noma nini lapho inkulumo elimazayo ingena engxoxweni, thatha isinyathelo ngokushesha!

Ingabe Uthando Noma Ukuthatheka?

Thola ukuthi ukuthatheka nothando lwangempela kuyini.

Melana Nokucindezela Kontanga!

Izinyathelo ezine ezilula ongazithatha ukuze ube nesibindi sokuba nguwe.

Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izingosi Zokuxhumana

Kujabulele ukusebenzisa i-Internet lapho uxhumana nabangane bakho futhi ukwenze ngokucophelela.

Unjani Umngane Weqiniso?

Kulula ukuthola abangane mbumbulu, kodwa ungamthola kanjani umngane weqiniso?

Nqoba Isiqhwaga Ngaphandle Kokusebenzisa Isibhakela

Funda ukuthi kungani kunabantu abazenza iziqhwaga nokuthi ungabhekana kanjani nabo ngokuphumelelayo.