Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngingavuka Qingqo

Ngingavuka Qingqo

Dawuniloda:

  • Iphepha Lamanothi

  1. 1. Umzwangedwa okimi bo uyangidla.

    Jehova, ngiyalibon’ iphutha.

    Ng’cindezelekile, ng’ding’ amandl’ ok’qhubeka.

    Ngilambel’ ukukukhonza futhi.

    (CHORUS)

    Ngikhumbul’ engakufunda​—kusakhanya bha​—

    Amaqinis’ aseZwini lakho.

    Nalapho ngikhubeka, ngisho ngingawa

    Ng’ngavuka qingqo.

  2. 2. Ngiyabaz’ abanginaka

    Banginik’ uthando,

    Bethand’ uJehova ngempela,

    IZwi lakho liyongikhanyisela ngibuye.

    Ngithol’ indlela yokuphila bo.

    (BRIDGE)

    Noma ngiyaphi, ngibon’ okungikhumbuz’ iqiniso:

    Sisempelandaba.

    (CHORUS)

    Jehova, lalela umkhuleko wami

    Ngisize ngiphelelwe amandla.

    Uyazi lapho ng’khubeka kaningi

    Ng’ngavuka qingqo.

    (BRIDGE)

    Ng’yaz’ uJehov’ uyaqonda; mhlaw’mbe ngidinga ongang’siza.

    Uyazi ngibuthaka, wazi ekujuleni.

    Ubheka okuhle kimi.

    (CHORUS)

    Ngiya es’fundweni namhla, ngithol’ uthando bo,

    Lapho kumelwe ng’be khona.

    Nalapho ngikhubeka, ngisho ngingawa, ng’zovuka qingqo.

    Ng’ngavuka qingqo.