Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngikwethemba Nakakhudlwana

Ngikwethemba Nakakhudlwana

Dawuniloda:

  1. 1. Njenges’hlahl’ esimilile,

    Kanjal’ amazw’ akho

    Anginik’ ukuthula kwenqondo nenhliziyo.

    Ngoba zikhathi zonke,

    Ulwazi lwaphezulu,

    Lungamaqiniso angikhumbuz’ ukuthi

    (PRE-CHORUS)

    Qina ungesabi.

    Qhubeka themb’ uJehova.

    (CHORUS)

    La kunzima amazw’ akho

    Anginika amandla.

    Nsuku zonke ngikwethemba nakakhudlwana.

  2. 2. Lapho ng’phelelwa amandla,

    Kunzim’ ukuqhubeka,

    Ng’phendukela kuwe ngaz’ ukhona njalo.

    Ng’yakuding’ ukuzindla​—

    Ngigxilis’ amazw’ akho

    Angiqondise ang’size futhi athi

    (PRE-CHORUS)

    Qina ungesabi.

    Qhubeka themb’ uJehova

    Bheka ngale kobunzima bonke.

    Gxila kokungabonwayo.

    (CHORUS)

    La kunzima amazw’ akho

    Anginika amandla.

    Nsuku zonke ngikwethemba nakakhudlwana​—

    Wena.

    (PRE-CHORUS)

    Qina ungesabi.

    Qhubeka themb’ uJehova

    Bheka ngale kobunzima bonke.

    Gxila kokungabonwayo.

    (CHORUS)

    La kunzima amazw’ akho

    Anginika amandla.

    Nsuku zonke ngikwethemba nakakhudlwana.