Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Usuku Olulandelayo Luyoba Nezalo Izinkathazo

Usuku Olulandelayo Luyoba Nezalo Izinkathazo

Download:

  • Iphepha Lamanothi

  1. 1. ’Bumnandi bePharadesi ngazile ngabo,

    Nakanjani buyofika s’yobujabulela.

    Kodwa k’buye kube nzima,

    Ukuk’bona kufezeka,

    Nokuzwa uthando l’kaJah um’ impilo inzima.

    Kodwa uJah useduze.

    (CHORUS)

    Ngivele ng’thandaze ngijule.

    Lapho ngiphansi kakhulu,

    Ngincika kuJehova.

    Angingedwa, ng’yaz’ unami.

    IZwi liyang’duduza

    Nabangan’ beqiniso.

    Yebo, ngalunye l’nazo izinkinga.

    Naka okwalolu suku;

    Ngoba ik’sasa linokwalo;

    Ngithol’ uk’thula

    Ngaluny’ usuku.

  2. 2. Ngicela ungizwe mngane, ng’yakuthanda,

    Nak’ okuhl’ empilweni.

    Yeka izinkathazo,

    Cabang’ uthando l’kaJah.

    Wal’khombisa ngesihlengo.

    U’ngangabazi umethembe.

    Was’nik’ okuhle kakhulu.

    Uz’ ungadangali.

    (CHORUS)

    Thandaza ujule.

    Lapho siphansi kakhulu,

    Sincika kuJehova.

    Asisodwa, s’yaz’ unathi.

    IZwi liyas’duduza

    Nabangan’ beqiniso.

    Yebo, ngalunye l’nazo izinkinga.

    Nak’ okwalolu suku;

    Ngoba ik’sasa linokwalo;

    Siyothol’ uk’thula

    Ngaluny’ usuku.

    (CHORUS)

    Thandaza ujule.

    Lapho siphansi kakhulu,

    Sincika kuJehova.

    Asisodwa, s’yaz’ unathi.

    IZwi liyas’duduza

    Nabangan’ beqiniso.

    Yebo, ngalunye l’nazo izinkinga.

    Nak’ okwalolu suku;

    Ngoba ik’sasa linokwalo;

    Siyothol’ uk’thula

    Ngaluny’ usuku​—

    ‘Suku ngalunye.