Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qaph’ Inhliziyo

Qaph’ Inhliziyo

Dawuniloda:

  1. 1. Ngiyathand’ ukwenz’ okuhle,

    Kodw’ inhliziy’ iyang’lahla—

    Ithi ngiyahluleka,

    Nam’ angisazethembi.

    Ebusuku ng’yathandaza,

    Ngoba wathi ngikhulume nawe

    Mang’cindezelekile.

    Wena Baba wangiyala:

    (CHORUS)

    Qaph’ inhliziyo, qapha nengqondo,

    Ucabange konk’ okuhle.

    Ungagxili kok’dumazayo.

    Qaph’ inhliziyo ube nok’thula.

  2. 2. Ng’thand’ ukwenz’ intando yakho,

    Kodwa ng’zizwa ngidangele

    Ngizw’ uk’phila kunzima

    Ngizwa ngingathandeki

    Ngiyaphuma ng’tshel’ abanye

    Ngez’busis’ osithembisa zona

    Ngeke ngidikibale

    Wena Baba uyang’yala.

    (CHORUS)

    Ng’qaph’ inhliziyo, ng’qaphe nengqondo,

    Ngicabange konk’ okuhle.

    Ngeke ngxile kok’dumazayo.

    Ng’qaph’ inhliziyo, ngibe nok’thula.

    Ng’be nok’thula.

    (BRIDGE)

    Ngizokhipha imcabango

    Emibi eng’fikelayo.

    Ngeke ng’phinde ngikhathazeke.

    Wena Jehova ungiphe ikhambi.

    Ungiphe ikhambi.

    (CHORUS)

    Ng’qaph’ inhliziyo, ng’qaphe nengqondo,

    Ngicabange konk’ okuhle.

    Ngeke ngxile kok’dumazayo.

    Ng’qaph’ inhliziyo, ngibe nok’thula.