Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ukuthumba Ngibhala ukuze ngibonge kakhulu ngochungechunge oluthi “Okwenza Ukuthumba Kube Usongo Lwembulunga Yonke.” (December 22, 1999) Ngenyanga edlule sahlaselwa abaphangi esitolo engisebenza kuso. Kwangena amadoda amabili efake izifihla-buso, eyodwa ingikhombe ngesibhamu. Ngenxa yokuthi lezi zihloko zabonisa ukuthi izisulu zokuthunjwa kufanele zenze lokho ezikutshelwayo, angizange ngenqabe lapho bengibopha izandla, izinyawo bengivala namehlo futhi bengihlalisa phansi. Bashaqa ama-yen angu-9 500 000 (cishe u-R633 600). Kodwa ngazola futhi angizange ngilimale. Lesi sihloko safika ngesikhathi!

S. H., Japan

Uyayijabulela I-Phaphama! Ukuba ilungu lesonto i-Assembly of God akungivimbi ukuba ngifunde i-Phaphama! Angikaze ngiwubone umagazini osezingeni eliphezulu nonezihloko ezihlukahlukene kangaka. Anginayo ithelevishini ekhaya, kodwa ngiyakwazi ukuxoxa nabangane bami ngezindaba zamuva ngoba ngizifunda kumagazini wenu.

A.B.A., Brazil

Ukushefa Kahle Isihloko esithi “Ukushefa Kahle” (January 22, 2000) safika ngesikhathi kimi. Umyeni wami manje usedinga ukunakekelwa njalo futhi akasakwazi ukuzishefa. Amacebiso amane okushefa angisiza kakhulu. Manje usefuna ngimshefe nsuku zonke!

L. D., Germany

Ukuqamba Amanga Ngasithola sishukumisa ingqondo isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ukuqamba Amanga—Ingabe Kungathethelelwa?” (February 8, 2000) Kodwa empeleni, ingabe iBhayibheli alikulahli yini konke ukukhohlisa?

D. S., United States

EBhayibhelini, ngokuvamile ukuqamba amanga kuhilela ukusho into engamanga kumuntu okumelwe azi iqiniso futhi wenza kanjalo ngenhloso yokumkhohlisa noma yokumlimaza yena noma omunye umuntu. Ngakho abantu abesaba uNkulunkulu njengo-Abrahama, u-Isaka, uRahabi noDavide bakhohlisa ngandlela-thile kodwa abazange balahlwe njengabaqambimanga. Kodwa lokho bakwenza ngaphansi kwezimo ezingaphezu kwezivamile. Ngakho-ke izenzo zabo azikuvuni ukukhohlisa ngokungadingekile. Ngokwesibonelo, uma umKristu efunge ukukhuluma iqiniso enkantolo, uyokhuluma iqiniso noma athule.—ED.

Imikhaya Engenababa Umagazini ka-February 8, 2000, wakhuluma ngesimo sezingane ezingenababa. (“Ukushintsha Isimo Semikhaya Engenababa”) Angikwazi ukuyichaza indlela engadumala futhi ngathukuthela ngayo ngemva kokuwufunda. Navuna ukuziphatha kobaba abashiya imikhaya ngokukhuluma ngezinto ezibakhathazayo njengamalungelo okuvakasha nobunzima ababhekene nabo ngokomnotho. Anibakhuzi ngani? Aniwakhuthazi ngani amadoda ukuba alungise amaphutha awo?

S. L., United States

Siyaqonda ukuthi kumelwe ukuba kwaba buhlungu kanjani kwabanye ukufunda indaba enje, ikakhulukazi uma beye balahlwa othile. Kodwa lesi sihloko sasingahloselwe ukuthethisa amadoda. Kunalokho, sazama ukwenza ukuba izinhlangothi zombili ziqonde izimo ezinzima ezihilelekile. Sanikeza nesiyalo esiwusizo ezisulwini zokulahlwa. Ngokuthakazelisayo, isihloko sokugcina esithi “Ukushintsha Isimo Semikhaya Engenababa,” sathi: “Isimo esiqhubeka emikhayeni manje siyonqandeka kuphela uma abantu bezimisele ukwenza izinguquko ezinkulu endleleni yabo yokucabanga, esimweni sengqondo, nasekuziphatheni kwabo.”—ED.

Lapho ngibona isembozo esinesithombe sentombazane noyise, ngafikelwa yizinyembezi. Kade ngangifuna ukuba nobuhlobo obunjalo nobaba. Lesi sihloko sangenza ngazama ukuqonda ukuthi kungani izinto zenzeka kanje kithi. Sasinjengomsebe wokukhanya kwelanga owangena wajula emlandweni wami wakhanyisa imibuzo esineminyaka iyindida.

M. M., United States