Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungakunqoba Ukungabi Nathemba

Ungakunqoba Ukungabi Nathemba

Ungakunqoba Ukungabi Nathemba

UZIBHEKA kanjani izingqinamba ohlangabezana nazo? Ochwepheshe abaningi sebekholelwa ukuthi impendulo yalowo mbuzo iyinkomba enkulu yokuthi ingabe ungumuntu onethemba lokuhle yini noma cha. Sonke sibhekana nokuvivinywa okuhlukahlukene okunzima ekuphileni, okwabanye kunzima kunokwabanye. Kodwa, kungani kubonakala abanye abantu belulama ebunzimeni, balungele ukuzama futhi, kuyilapho abanye bebonakala belahla ithemba ngisho nangemva kwezinkingana nje ezincane?

Ngokwesibonelo, ake sithi ufuna umsebenzi. Uya engxoxweni yokufuna umsebenzi kodwa awuwutholi. Sikuphatha kanjani lesi senzakalo kamuva? Kungenzeka ucabange ukuthi inkinga ikuwe futhi ayinakulungiseka, uzitshele ukuthi, ‘Akekho umuntu ongaqasha umuntu onjengami. Ngeke ngiwuthole umsebenzi.’ Noma okubi nakakhulu, ungavumela lesi sithiyo esisodwa sisonte umbono wakho ngazo zonke izici zokuphila kwakho, ucabange ukuthi, ‘Ngiyisehluleki. Akukho muntu ongidingayo.’ Kuzo zombili lezi zimo, lokho kuwukucabanga komuntu ongenathemba.

Ukulwa Nokungabi Nathemba

Ungalwa kanjani nalo muzwa? Isinyathelo sokuqala esibalulekile ukufunda ukuqaphela imicabango enjalo ephambene. Isinyathelo esilandelayo ukulwa nayo. Funa ezinye izimbangela ezizwakalayo zokuthi kungani ubhekana nesimo esinjalo. Ngokwesibonelo, ingabe kuyiqiniso ngempela ukuthi awuwutholanga umsebenzi ngoba engekho umuntu ongakuqasha? Noma kungenzeka yini ukuthi lowo mqashi ubemane efuna umuntu onezinye izici ezifuneka kulowo msebenzi?

Ukubhekisisa amaqiniso athile kuyodalula leyo micabango emibi ewukusabela ngamawala. Ingabe ukungemukelwa kanye kuphela ngempela kusho ukuthi uyisehluleki, noma ungacabanga yini ngezinye izici zokuphila kwakho—njengezinto ezingokomoya oziphishekelayo, ubuhlobo bakho bomkhaya, noma abangane—lapho uphumelela khona ngezinga elithile? Funda ukulahla imicabango emibi ngekusasa njengemicabango “eyingozi” nje. Kakade, wazi kanjani ngempela ukuthi awusoze wawuthola umsebenzi? Kuningi ongakwenza ukuze uphebeze imicabango ephambene.

Ukucabanga Okwakhayo Kokuphishekela Imigomo

Eminyakeni yamuva nje abacwaningi baye bavela nencazelo ethakazelisayo yethemba, nakuba ilinganiselwe. Bathi ithemba lihilela ukukholelwa ukuthi uzoyifinyelela imigomo yakho. Njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa, ithemba empeleni lihilela okungaphezu kwalokho, kodwa le ncazelo ibonakala iwusizo ngezindlela eziningana. Ukugxila kulesi sici sethemba kungasisiza ukuba sihlakulele ukucabanga okwakhayo kokuphishekela imigomo.

Ukuze sikholelwe ukuthi singahlangabezana nemigomo yethu yesikhathi esizayo, kudingeka sakhe umlando wokuzibekela imigomo nokuyifinyelela. Uma unomuzwa wokuthi awunawo umlando onjalo, kungase kukuzuzise ukucabangisisa ngemigomo ozibekela yona. Okokuqala, ingabe unayo imigomo? Kulula kabi ukuba matasa ngezinto zokuphila singaziniki isikhathi sokucabanga ukuthi yini ngempela esiyifunayo ekuphileni, yini ngempela ebalulekile kithi. Ngokuphathelene nalesi simiso esiwusizo sokuba nezinto eziqondile eziza kuqala ekuphileni, nalapha sithola ukuthi iBhayibheli lakubeka kahle kakhulu endulo lapho lithi: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.

Lapho sesinqumile ukuthi yini eza kuqala, kuba lula ukukhetha imigomo eyinhloko ezintweni ezihlukahlukene, njengasekuphileni kwethu okungokomoya, komkhaya, nasemsebenzini. Nokho, kubalulekile ukuba singazibekeli imigomo eminingi kakhulu ekuqaleni nokuba umgomo ngamunye esizibekela wona kube umgomo esaziyo ukuthi sizowufinyelela kalula. Uma kuwumgomo okunzima ukuwufinyelela, kungase kusidumaze, bese siyeka. Ngakho, kungcono kakhulu ukuhlukanisa imigomo emikhulu, yesikhathi eside ibe yimigomo emincane esingayifinyelela ngesikhashana.

“Uma ukuzimisela kukhona, ikhona nendlela.” Sisho kanjalo isisho sasendulo, futhi sibonakala siyiqiniso ngandlela-thile. Uma sesinemigomo ethile esiyicabangelayo, sidinga ukuzimisela nesifiso ukuze silwele ukuyifinyelela. Singaqinisa ukuzimisela kwethu ngokucabangela ukubaluleka kwemigomo yethu nemivuzo esizoyithola ngokuyifinyelela. Kuyiqiniso ukuthi ziyoba khona izithiyo, kodwa kufanele sizibheke njengezinselele hhayi izingqinamba ezingenakususwa.

Nokho, kudingeka sicabange nangezindlela ezingokoqobo zokufinyelela imigomo yethu. Umlobi uC. R. Snyder, oye wacwaninga kanzulu ngokubaluleka kwethemba, usikisela ukucabanga ngezindlela ezihlukahlukene zokufinyelela noma imuphi umgomo. Kanjalo, uma indlela ethile ingaphumeleli, singazama eyesibili, eyesithathu, njalonjalo.

USnyder utusa nokuba umuntu azi ukuthi angawuyeka nini umgomo othile aphishekele omunye. Uma singenayo ngempela indlela yokufinyelela umgomo, ukukhathazeka ngawo kuyomane nje kusidumaze. Ngakolunye uhlangothi, ukufuna umgomo ofinyelelekayo esikhundleni sawo kuyosinika okuthile okuyokwakha ithemba kithi.

IBhayibheli linesibonelo esiwusizo kule ndaba. INkosi uDavide yayinomgomo eyayiwazisa kakhulu wokwakhela uNkulunkulu wayo, uJehova, ithempeli. Kodwa uNkulunkulu watshela uDavide ukuthi indodana yakhe uSolomoni iyona eyayizoba nalelo lungelo. Esikhundleni sokudikila noma sokuzama ukuphikelela aphikisane nalesi sinqumo esidumazayo, uDavide washintsha imigomo yakhe. Wazinikela ekuqongeleleni imali nezinto zokwakha indodana yakhe eyayizozidinga ukuze iqede lo msebenzi.—1 AmaKhosi 8:17-19; 1 IziKronike 29:3-7.

Ngisho nalapho siphumelela ekwakheni ithemba ngezinga elithile ngokulwa nombono wokungabi nathemba nangokuhlakulela ukucabanga okwakhayo kokuphishekela imigomo, sisengathola ithemba lethu lintula. Kanjani? Ukuphelelwa ithemba okukhulu esinakho kuleli zwe kubangelwa izici ezingaphezu kwamandla ethu. Uma sicabanga ngezinkinga ezinkulu isintu esibhekene nazo—ubumpofu, izimpi, ukungabi nabulungisa, usongo oluhlala lukhona lokugula nokufa—singawulondoloza kanjani umbono wethemba?

[Isithombe ekhasini 15]

Uma ungawutholanga umsebenzi owufunayo, ingabe uphetha ngokuthi awusoze wawuthola umsebenzi?

[Isithombe ekhasini 16]

INkosi uDavide yabonisa ukuvumelana nezimo lapho kuziwa emigomweni yayo