Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Umuntu Angakwazi Ukuthanda Izitha Zakhe?

Ingabe Umuntu Angakwazi Ukuthanda Izitha Zakhe?

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Umuntu Angakwazi Ukuthanda Izitha Zakhe?

UJesu Kristu wathi: “Mina ngithi kini: Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo; ukuze nizibonakalise ningamadodana kaYihlo osemazulwini, njengoba yena enza ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle futhi enza imvula ine phezu kwabantu abalungile nabangalungile.”—Mathewu 5:44, 45.

INGABE ubheka inkolo njengengabangela uthando nokuthula noma njengengabangela inzondo nobudlova? Namuhla iningi liyibona iyimbangela yenzondo nobudlova, ikakhulukazi lapho inkolo ihlanganiswa nezombangazwe, uhlanga noma ubuzwe. Kodwa njengoba amazwi kaJesu ebonisa, labo ‘abangamadodana kaNkulunkulu’ eqiniso balingisa uNkulunkulu ngokuthanda ngisho nezitha zabo.

Esinye isikhonzi sikaNkulunkulu sathi: “Uma isitha sakho silambile, siphe ukudla; uma somile, sinike okokuphuza . . . Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.” (Roma 12:20, 21) Kodwa ingabe uthando olunjalo lungenzeka ngempela kuleli zwe elihlukene phakathi? OFakazi BakaJehova bavuma ngokungananazi! Cabangela isibonelo sikaJesu nabalandeli bakhe bokuqala.

Bazithanda Izitha Zabo

UJesu wafundisa iqiniso ngoNkulunkulu, futhi abaningi bakujabulela ukumlalela. Nokho, abanye bamphendukela, abanye bekwenza ngenxa yokungazi. (Johane 7:12, 13; IzEnzo 2:36-38; 3:15, 17) Noma kunjalo, uJesu waqhubeka ememezela isigijimi sakhe esisindisa ukuphila kubo bonke, kuhlanganise nabaphikisi. (Marku 12:13-34) Kungani? Wayazi ukuthi abanye bangase bashintshe izindlela zabo, bamqaphele njengoMesiya, futhi bavumelane namaqiniso atholakala eZwini likaNkulunkulu.—Johane 7:1, 37-46; 17:17.

Ngisho nangobusuku aboshwa ngabo ngokungafanele abaphikisi abahlomile, uJesu wazibonisa uthando izitha zakhe. Empeleni, waphulukisa omunye wabantu ababembopha, uPetru ayemgence indlebe ngenkemba. Ngaleso sikhathi uJesu washo isimiso esibalulekile esiqondisa abalandeli bakhe beqiniso nanamuhla. Wathi: “Bonke abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:48-52; Johane 18:10, 11) Ngemva kweminyaka engaba ngu-30 kamuva, uPetru wabhala: ‘UKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze. Lapho ehlupheka, akasongelanga, kodwa waqhubeka ezibeka kuNkulunkulu.’ (1 Petru 2:21, 23) Kuyacaca ukuthi uPetru wafunda ukuthi uthando, hhayi impindiselo, luyindlela yabalandeli bakaKristu beqiniso.—Mathewu 5:9.

Bonke ‘abalandela izinyathelo zikaJesu eduze’ babonisa isimo sakhe sengqondo sothando nobuhle. Eyesi-2 kuThimothewu 2:24 ithi: ‘Inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke, izibambe ngaphansi kobubi.’ Lezo zimfanelo zaziyobonakala endleleni yokuphila yomKristu, engeyokuthula nokubuyisana.

‘Amanxusa KaKristu’ Anokuthula

Lapho ebhalela akholwa kanye nabo, umphostoli uPawulu wathi: “Ngakho-ke thina singamanxusa abambele uKristu . . . Njengababambele uKristu siyancenga: ‘Buyisanani noNkulunkulu.’” (2 Korinte 5:20) Amanxusa awazigaxi kwezombangazwe nakwezempi emazweni akhonza kuwo. Kunalokho, azigcina engathathi hlangothi. Umsebenzi wawo ukumelela nokusekela umbuso awukhulumelayo.

Kunjalo nangamanxusa nabameleli bakaKristu. Ambheka njengeNkosi uJesu futhi amemezela uMbuso wakhe wasezulwini ngokushumayela izindaba ezinhle ngokuthula. (Mathewu 24:14; Johane 18:36) Ngakho, uPawulu wabhalela amaKristu osuku lwakhe: “Asilwi impi ngokwalokho esiyikho enyameni. Ngoba izikhali zempi yethu azizona ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okugumbuqela . . . imicabango kanye nayo yonke into ephakeme ephakanyiswe yamelana nolwazi ngoNkulunkulu.”—2 Korinte 10:3-5; Efesu 6:13-20.

Lapho uPawulu ebhala lawo mazwi, amaKristu ayeshushiswa emazweni amaningi. Empeleni, ayengaziphindiselela. Kunalokho, aqhubeka ethanda izitha zawo futhi ehlanganyela isigijimi sokubuyisana nabo bonke ababelalela. I-Encyclopedia of Religion and War ithi: “Abalandeli bakaJesu basendulo benqaba ukukhonza empini,” beqaphela ukuthi ukwenza kanjalo “akuhambisani nendlela kaJesu yothando ehambisana nomyalo wokuba athande izitha zawo.” *

NjengamaKristu okuqala, oFakazi BakaJehova bambheka njengeNkosi yabo uJesu. Bambheka nanjengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu—uhulumeni wasezulwini ngokushesha ozoletha ukuthula nokulondeka okuhlala njalo emhlabeni. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10) Ngakho, njengamanxusa nabameleli, bashumayela ubuhle balowo Mbuso. Ngesikhathi esifanayo, balwela ukuba izakhamuzi ezinhle emazweni abahlala kuwo, bakhokha izintela futhi balalela umthetho uma nje ungangqubuzani nomthetho kaNkulunkulu.—IzEnzo 5:29; Roma 13:1, 7.

Nokho, ngokudabukisayo njengamaKristu akuqala, oFakazi ngezinye izikhathi baqondwa kabi, banyundelwe futhi bashushiswe. Noma kunjalo abaphindiseli. Kunalokho, bazama ‘ukuba nokuthula nabantu bonke,’ benethemba lokuthi abaphikisi bangase “babuyisane noNkulunkulu” futhi babe nethemba lokuphila okuphakade. *Roma 12:18; Johane 17:3.

[Imibhalo yaphansi]

^ I-Encyclopedia of Religion and War ithi: “Bonke abalobi abangamaKristu bangaphambi kwenkathi kaConstantine [uMbusi waseRoma wango-306-337 C.E.] bakulahla ukubulala kwasempini.” Umbono washintsha lapho izihlubuki ezabikezelwa eBhayibhelini zanda.—IzEnzo 20:29, 30; 1 Thimothewu 4:1.

^ NjengamaKristu ekhulu lokuqala, oFakazi BakaJehova bayivikela ngokomthetho inkululeko yabo engokwenkolo uma kudingeka.—IzEnzo 25:11; Filipi 1:7.

WAKE WAZIBUZA?

◼ AmaKristu kufanele aziphathe kanjani izitha zawo?—Mathewu 5:43-45; Roma 12:20, 21.

◼ Lapho eshushiswa, uJesu wasabela kanjani?—1 Petru 2:21, 23.

◼ Kungani amaKristu asendulo engazange aye empini?—2 Korinte 5:20; 10:3-5.