Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubulungisa Bangempela Ngaphansi KukaHulumeni KaNkulunkulu

Ubulungisa Bangempela Ngaphansi KukaHulumeni KaNkulunkulu

Ubulungisa Bangempela Ngaphansi KukaHulumeni KaNkulunkulu

ISIPROFETHO seBhayibheli sembula ukuthi umhlaba esiphila kuwo manje uzothathelwa indawo umhlaba omusha ozolethwa uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, lowo mhlaba omusha uyoba nohulumeni owodwa kuphela—uMbuso kaNkulunkulu uJesu Kristu ayiNkosi yawo. (IsAmbulo 11:15) UMbuso kaNkulunkulu uyokuqeda kanjani ukungabi nabulungisa? Uyokwenza lokhu ngezindlela ezimbili.

1. UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda ukubusa kwabantu okungenabulungisa nokuwubuwula. UDaniyeli 2:44 uthi: “Ezinsukwini zalawo makhosi [ohulumeni] uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso . . . Uyochoboza uqede yonke le mibuso [yabantu], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”

2. UMbuso kaNkulunkulu uyoqothula abantu ababi ushiye abanobulungisa. IHubo 37:10 lithi: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho.” Ivesi 28 lithi: “UJehova ungumthandi wobulungisa, futhi ngeke abashiye abaqotho bakhe. Ngokuqinisekile bayoqashwa kuze kube nini nanini.”

Labo “abaqotho” bayobona ukugcwaliseka kwamazwi kaJesu awasho emthandazweni wakhe oyisibonelo. Wathi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba?

Lapho UMbuso KaNkulunkulu Usubusa Umhlaba . . .

Inkohlakalo nokucindezela kuyophela. Ngokuphathelene noJesu Kristu, amaHebheru 1:9 athi: “Wathanda ukulunga, wazonda ukweqa umthetho.” NjengoMbusi onobulungisa ngempela, uJesu ‘uyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Uyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni, igazi labo liyoba yigugu emehlweni akhe.’—IHubo 72:12-14.

Bonke bayoba nenala. “Umhlaba ngokuqinisekile uyothela umkhiqizo wawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyosibusisa.” (IHubo 67:6) “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.” (IHubo 72:16) UJesu wake wasuthisa izinkulungwane ngesikhathi esisodwa ngendlela eyisimangaliso—lokhu kwakungamazwibela alokho azokufeza ngoMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 14:15-21; 15:32-38.

Ubulungisa ngeke buphazanyiswe ukulinganiselwa komuntu. “Akukho ndalo engabonakali emehlweni akhe [uNkulunkulu], kodwa zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.” (Hebheru 4:13) Ngokuphathelene noKristu, siyafunda: “Ngeke ahlulele ngokwanoma yikuphi okubonakala emehlweni akhe, noma amane asole ngokwento ayizwe ngezindlebe. Uyokwahlulela abantu abaphansi ngokulunga, futhi uyosola ngobuqotho ngenxa yabantu abamnene basemhlabeni.”—Isaya 11:3, 4.

Ukubusa KoMbuso Sekuseduze!

Ukuwohloka komhlaba kufakazela ukuthi ukuphela kwawo sekuseduze. IHubo 92:7 lithi, “Lapho ababi behluma njengezimila nabo bonke abakwenza umkhuba okulimazayo beqhakaza, kungenjongo yokuba babhuqwe kuze kube phakade.” Ungakugwema kanjani ukufanelwa ukulahlwa uNkulunkulu ukuze ube phakathi kwalabo ayobalondoloza? UJesu Kristu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

Ingabe uyalufisa lolo lwazi oluyigugu? Uma kunjalo, njengoHeide, uDorothy noFiruddin, okukhulunywe ngabo, kungani ungayixoxi le ndaba noFakazi BakaJehova? Bayokujabulela ukuphendula imibuzo yakho ngaphandle kwenkokhiso noma ukuzibopha.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

LAPHO UKUPHILA UQOBO KUBONAKALA KUNGENABULUNGISA

U-Emily, ohlala e-United State, kwatholakala ukuthi unomdlavuza wegazi eseneminyaka engu-7 nje kuphela. Njengoba abangane bakhe beba nomkhuhlane nemfiva ngezikhathi ezithile, yena sekuyiminyaka ebekezelele ukwelashwa okunzima, kuhlanganise nokwelashwa ngamakhemikhali. Uthi, “Umdlavuza wegazi uyethusa!”

Ngisho noma ukuphila kunzima kakhulu, u-Emily akaphelelwa yithemba. Kunalokho, ulindele isikhathi lapho, ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, ‘engekho ohlala khona oyothi: “Ngiyagula.”’ (Isaya 33:24) U-Emily uthi, “UmBhalo engiwukhonzile, uMarku 12:30 othi: ‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo onke amandla akho.’ Uma ngithandaza kuJehova, uyangiqinisa. Ngiyambonga uJehova ngokunginika umkhaya, ibandla lakithi, nethemba lokuphila okuphakade ePharadesi ezweni elisha. Leli themba lingisize kakhulu.”

[Izithombe emakhasini 8, 9]

Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, bonke abantu bayojabulela inala yokudla, kuhlanganise nobulungisa bangempela nokuphila okungenakucwasa