Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingqophamlando EMalawi—AmaHholo OMbuso Angu-1 000!

Ingqophamlando EMalawi—AmaHholo OMbuso Angu-1 000!

Ingqophamlando EMalawi—AmaHholo OMbuso Angu-1 000!

“NGANGINGACABANGI ukuthi kuyoke kwenzeke eMalawi,” kubabaza u-Augustine. Wayekhuluma ngokwakhiwa kwamaHholo OMbuso amaningi, njengoba oFakazi BakaJehova bezibiza kanjalo izindawo zabo zokukhulekela. Ngo-1993, oFakazi ababengu-30 000 ngaleso sikhathi eMalawi, izwe eliseningizimu-mpumalanga ye-Afrika, babengenazo izindawo ezifanelekayo zokukhulekela nokutadisha iBhayibheli.

Kodwa manje isimo sesihluke kakhulu. Ngo-September 2011 eBlantyre, oFakazi eMalawi baqeda ukwakha iHholo labo loMbuso lenkulungwane! * Kungani oFakazi banda baze bafinyelela ku-30 000 ngaphambi kokuba baqale ukwakha izindawo zokukhulekela? Futhi ngemva kokuba beqalile, bakwazi kanjani ukwakha amahholo ayinkulungwane ngesikhashana nje ezweni elintulayo? Okokugcina, lo msebenzi wokwakha omangalisayo ubathinte kanjani oFakazi nomakhelwane babo?

Izikhathi Zovivinyo

Ekuqaleni kwawo-1900, oFakazi BakaJehova, ababaziwa ngokuthi abaFundi BeBhayibheli ngaleso sikhathi, baqala ukufundisa iqiniso leBhayibheli eMalawi. Ngo-1967, oFakazi BakaJehova base bande bafinyelela ku-17 000. NjengamaKristu ekhulu lokuqala, babaziwa ngokugcina umthetho nokuhlonipha izikhulu zikahulumeni. Njengoba kwakunjalo futhi ngamaKristu okuqala, babengathathi hlangothi nhlobo ezindabeni zezombangazwe.—Johane 18:36; IzEnzo 5:29.

Ngokudabukisayo, phakathi nawo-1960, ukuma koFakazi okusekelwe eBhayibhelini kwase kubaqhathe nohulumeni futhi ngo-1967 bavinjelwa. Ngemva nje kwalokho, abaningi baxoshwa ngokungemthetho emsebenzini futhi amaqembu angenamthetho ashaqa noma acekela phansi impahla yabo. Ngenxa yokushushiswa okunzima nokwesaba ukuqothulwa, izinkulungwane zoFakazi zabalekela emazweni angomakhelwane iMozambique neZambia.

Nokho, ngokuhamba kwesikhathi izinto zaqala ukuba ngcono koFakazi BakaJehova eMalawi, abaningi babo abase bebuyiselwe ezweni labo ekuqaleni kwawo-1990. Yeka ukuthi bajabula kanjani lapho ngo-August 12, 1993, ukuvinjelwa komsebenzi wabo okwase kuthathe iminyaka engu-26 kususwa! Nokho, babebhekene nenye inkinga. Njengoba babengaphezu kuka-30 000 emabandleni angu-583, babengenazo izindawo ezifanelekayo zokukhulekela! Kwakumelwe benzenjani?

Ukubonakaliswa Kothando!

Eminyakeni eyisithupha yokuqala ngemva kokuphela kokuvinjelwa, oFakazi bendawo benza umsebenzi oncomekayo wokwakha amaHholo OMbuso ngemadlana yabo engatheni. Kodwa kwakungewona umsebenzi olula ngoba ukwanda koFakazi unyaka ngamunye kwakushesha kakhulu kunenani lamahholo ayakhiwa. Saba yini isisombululo? Ukusetshenziswa kwesimiso seBhayibheli esitholakala kweyesi-2 Korinte 8:14. “Ngokulinganisa,” inala yemali kwamanye amazwe ‘yaqeda ukuntula’ emazweni afana neMalawi. Ukuze kufezwe lokho, ngo-1999 iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova yethula uhlelo olukhethekile lokusiza ekwakheni izindawo zokukhulekela emazweni antulayo ngokwezimali. Ngalolu sizo lothando, oFakazi baseMalawi bawusheshisa kakhulu umsebenzi wabo wokwakha amaHholo OMbuso. *

Esikhathini esidlule, amabandla aseMalawi ayeba nemihlangano yobuKristu emakilasini ezikole, ezakhiweni zesikhashana noma ngisho nangaphansi kwezihlahla. Manje, amabandla angu-1 230 ayakwazi ukuhlangana ukuze akhulekele futhi athole imfundo yeBhayibheli ezakhiweni ezihloniphekile ezinikelwe ekuthuthukiseni ukukhulekela kweqiniso. Njengoba ungase ucabange, oFakazi abangaphezu kuka-75 000 eMalawi bakwazisa ngokujulile ukusekelwa abafowabo nodadewabo abangokomoya emhlabeni jikelele.

Esinye isici esasiza oFakazi ukuba bakhe izindawo eziningi kangaka zokukhulekela ngesikhashana nje kwakuyisifiso sabo sokuba namahholo avamile nasebenzisekayo. Babengafuni izakhiwo eziwubukhazikhazi. Kunalokho, babefuna izakhiwo ezivamile nezihloniphekile ezidumisa uNkulunkulu futhi ezenza izingxoxo nemfundo yeBhayibheli kuqhubeke kahle.

Imiphakathi Yendawo Iyazuza

Esikhathini esidlule, oFakazi BakaJehova babenziwa inhlekisa eMalawi njengenkolo engenazo izindawo zokukhulekela. Ngenxa yalokho, ngezinye izikhathi abanye oFakazi babeba namahloni okumemela abathakazelayo emihlanganweni. Khona-ke, cabanga ukuthi bazizwa kanjani lapho sebeneHholo labo loMbuso elihle. Manje base bekujabulela ukumemela omakhelwane nabantu abathakazelayo emihlanganweni yobuKristu. Kwenye indawo, ibandla lajabula ukubona abangu-698 beze emhlanganweni eHholo LoMbuso elalisanda kwakhiwa!

OFakazi abaningi nabanye baphawula ukuthi babengakaze bacabange ukuthi babeyoke babe nehholo elihle nelizinze kanje endaweni yakubo. U-Augustine, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, ukhumbula elinye ibandla elaliba nemihlangano ngaphansi kwesihlahla. Uthi: “Kwakuba mnandi ngenkathi engenazo izimvula. Kodwa ngenkathi yezimvula—kwakufiwa izinkinga!” Uma kuwukuthi wake wanethwa imvula yasezindaweni ezishisayo, uyazi ukuthi iziphi izinkinga u-Augustine akhuluma ngazo.

U-Augustine ukhumbula ukuvakashela kwakhe ibandla laseChimwanje. Uyachaza: “Saba nomhlangano endlwaneni encane yezingodo efulelwe ngotshani. Kodwa sasingazi ukuthi kulolu phahla lotshani kwase kuhlala isicabucabu esikhulu esinobuthi. Kungazelelwe, ngiphakathi nenkulumo, lesi silwanyana sawela phansi ngasonyaweni lwami! Ngezwa omunye owayethukile ezilalelini ememeza ethi, ‘Sinyathele, Augustine, sinyathele!’ Nembala ngenza kanjalo. Ngasinda kanjalo-ke.” Njengoba manje ibandla selineHholo LoMbuso elisha, azisekho iziphazamiso ezinjalo.

“Igugu Emphakathini”

Uhlelo olujabulisayo lokwakhiwa kwamaHholo OMbuso lwenze oFakazi BakaJehova banconywa futhi bahlonishwa emiphakathini eminingi nasemakhosini endawo, njengoba kuboniswa amazwi alandelayo:

✔ “Ukwakhiwa kwendawo entsha yokukhulekela, kuhlanganise nothando nobunye okuboniswa oFakazi BakaJehova, kuyigugu emphakathini, kuyisibonelo esihle kwamanye amasonto.”—Inkosi yendawo yaseChabwenzi.

✔ “Into engiyazisa kakhulu ngoFakazi ubunye babo. Saqala ukwakha isonto lethu eminyakeni eyishumi edlule kodwa namanje lisakhiwa—futhi akwaziwa nokuthi liyophela nini. Ngifisa ukunibonga ngokwakha isakhiwo esihle kangaka endaweni yakithi.”—Induna yendawo yaseChigwenembe.

✔ “Kuyamangalisa ukubona indlela enisebenza ngayo. Niyashesha kodwa futhi umsebenzi wenu muhle! Kumelwe ukuba ninobunye ngempela.”—Inkosi yendawo yaseChiuzira.

Uhlelo lokwakhiwa kwamaHholo OMbuso luye lwaphawuleka kangangokuba luye lwaqashelwa ngisho nangabalobi besichaza-mazwi i-Chichewa/ChinyanjaEnglish Dictionary, esithi ngoFakazi: “OFakazi BakaJehova bakhe [amaHholo OMbuso] amaningi.”

“Leli Hholo LoMbuso Liyisimangaliso”

Ngo-January 30, 2011, njengoba kushiwo ngaphambili iBandla LaseManyowe eBlantyre lanikezela iHholo lalo loMbuso elisha—elingelenkulungwane kwasakhiwe eMalawi. Elinye ilungu lebandla lathi: “Ukuba naleli Hholo LoMbuso kuyisimangaliso. Sengathi kugcwaliseka iphupho.”

Intombazanyana esebandleni laseManyowe iyalandisa, “Angizange ngiphuthe ngisho nosuku olulodwa esakhiweni. Ngiyajabula ngokuthi ngibe nesandla ekwakhiweni kwendawo efanelekayo yokukhulekela ensimini yethu.”

Omunye umdala webandla uyachaza, “Kwaba nzima ukuthola imvume yokwakha iHholo LoMbuso eziphathimandleni zendawo. Izikhulu zedolobha zenqaba ngokuphindaphindiwe ukusayina imvume eyayidingeka. Kodwa uNks. Liness Chikaoneka, okunguyena ophethe le ndawo, wasebenza kanzima ukuze enze iziphathimandla zisayine.”

Ngolunye usuku, uNks. Chikaoneka wahamba nomunye umdala ukuze kuyosayinwa imvume. Watshela iziphathimandla: “Ngifuna ukuba oFakazi bakhe iHholo labo loMbuso endaweni yami. Bangabantu abahle. Ayikho inkinga ehilela bona okwake kwadingeka ngiyixazulule enkantolo yami.” Iziphathimandla zabe seziyawasayina amaphepha.

UNks. Chikaoneka wajabula kakhulu lapho iHholo LoMbuso linikezelwa. Wathi, “Ngijabule kakhulu futhi ngiyaziqhayisa ngokuba nalesi sakhiwo esihle endaweni yami!”

Kulo lonke elaseMalawi, oFakazi BakaJehova nomakhelwane babo bayaqhubeka bezwakalisa ukubonga kwabo ngohlelo lokwakhiwa kwamaHholo OMbuso. Ngenxa yomoya wabo wokuzidela nokuzikhandla kwabo okuyisibonelo, oFakazi BakaJehova kuleli zwe abasasalele kakhulu emuva ngezindawo ezidinga amaHholo OMbuso, njengoba kwakunjalo ngo-1993. Yiqiniso, sizolokhu sikhona isidingo samaHholo OMbuso engeziwe njengoba abantu besabela ‘ezindabeni ezinhle zombuso [kaNkulunkulu]’ futhi kumiswa amabandla amasha. (Mathewu 24:14) Ngakho-ke, oFakazi bakwazisa kakhulu ukusekela ngomusa nangesandla esivulekile koFakazi abakanye nabo emhlabeni wonke. *

Kodwa ngaphezu kwakho konke, oFakazi babonga uNkulunkulu wabo, uJehova. Umuzwa wabo uyefana nalowo umhubi ayenawo lapho ethi: “Zonke izizwe ozenzile ziyofika, futhi ziyokhothama phambi kwakho, Jehova, zinike igama lakho inkazimulo. Ngoba wena umkhulu futhi wenza izinto ezimangalisayo.”—IHubo 86:9, 10.

[Imibhalo yaphansi]

^ Manje inani lamaHholo OMbuso selingaphezu kuka-1 030.

^ Kusukela ngo-1999, emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova sebakhe amaHholo OMbuso angu-23 786 emazweni angu-151 antulayo ngokwezimali.

^ Emhlabeni wonke, umsebenzi woFakazi BakaJehova usekelwa ngokuphelele iminikelo yokuzithandela.

[Isithombe ekhasini 24]

Ngaphambi kokuba kuqale uhlelo lokwakhiwa kwamaHholo OMbuso, ngokuvamile izindawo zokuhlangana zazingamadlangala nje

[Isithombe ekhasini 24]

Manje amabandla asebuthanela emaHholo OMbuso anjengaleli