Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubukeza Komkhaya

Ukubukeza Komkhaya

Ukubukeza Komkhaya

Yini Engekho Kulesi Sithombe?

Funda eyoku-1 IziKronike 16:1, 2, 4-10. Yibe usubheka isithombe. Iziphi izinto ezingekho? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi. Hlanganisa amachashazi ukuze isithombe siphelele bese usifaka imibala.

1. ․․․․․

2. ․․․․․

3. ․․․․․

[Umdwebo]

(Bheka encwadini)

ENINGAXOXA NGAKHO:

Ingabe uJehova kuyamjabulisa yini uma umculo nokuhlabelela kuba ingxenye yokukhulekela kwethu? Kungani uphendula kanjalo?

UMKHONDO: Funda eyesi-2 IziKronike 5:13, 14; Efesu 5:19.

Ungasho ukuthi ikuphi okunye ukulandisa eBhayibhelini lapho kwakusetshenziswa khona ukuhlabelela ekukhulekeleni?

UMKHONDO: Funda u-Eksodusi 15:1-20; Marku 14:26; IzEnzo 16:25.

Isiphi isimo sengqondo esingakusiza uhlabelelele uJehova ngisho noma unamahloni noma unomuzwa wokuthi abanye bahlabelela kangcono kunawe?

UMKHONDO: Funda IHubo 33:1-3.

OKUNGENZIWA UMKHAYA:

Ilungu lomkhaya ngalinye alikhethe ingoma yokudumisa uJehova eliyithandayo. Njengomkhaya, zifundiseni ukuhlabelela lezo zingoma kuze kube yilapho senizijwayele.

Wagcine Bese Uwafunda Kamuva

Wasike, uwasonge bese uwabeka

IKHADI LEBHAYIBHELI 17 UJONA

IMIBUZO

A. UJona wathunywa ukuba ayoshumayela e․․․․․, lapho kwakuhlala khona abantu abangaphezu kuka․․․․․.

B. Nakuba uJona aqale wasibalekela isabelo sakhe, isiphi isenzo esibonisa isibindi asenza ukuze asindise abanye?

C. Qedela la mazwi eBhayibheli: “UJona waba sezibilinini . . . ”

[Ishadi]

4026 B.C.E. Ukudalwa kuka-Adamu

Waphila cishe ngawo-840 B.C.E.

1 C.E.

98 C.E. Kwalotshwa incwadi yokugcina yeBhayibheli.

[Ibalazwe]

Wabaleka esuka eGati-heferi waya eTharishishi

IGati-heferi

ITHARISHISHI

INineve

UJONA

UMLANDO WAKHE

Umprofethi kaJehova owakhonza ngesikhathi sokubusa kweNkosi uJerobowamu II. (2 AmaKhosi 14:23-25) UJehova wafundisa uJona ukuthi angagxili kuye ngokwakhe kodwa akhathalele izidingo zabanye. (Jona 4:6-11) Okwenzeka endabeni kaJona kusifundisa ukuthi uJehova ubekezela kakhulu, unesihe futhi unomusa kubantu abayizoni.

IZIMPENDULO

A. ENineve, 120 000.—Jona 1:1, 2; 4:11.

B. Watshela amatilosi ukuthi awamphonse olwandle ukuze luthule.—Jona 1:3, 9-16.

C. “ . . . zale nhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.”—Jona 1:17.

Abantu Namazwe

4. Igama lami nginguMelissa ngineminyaka engu-9, ngino-Edilo oneminyaka engu-7. Sihlala eCuba. Ucabanga ukuthi bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eCuba? Ingabe bangu-51 000, 91 000 noma 131 000?

5. Iliphi ichashazi elibonisa lapho sihlala khona? Likokelezele, bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona futhi ubone ukuthi ukude kangakanani neCuba.

A

B

C

D

Izingane Zifuna Izithombe

Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.

Ukuze uzitholele amakhophi engeziwe esithi “Ukubukeza Komkhaya,” yiya eNgosini ethi www.pr418.com

● Izimpendulo “ZOKUBUKEZA KOMKHAYA” zisekhasini 14

IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31

1. Itende elemboza umphongolo.

2. Ihabhu.

3. Icilongo.

4. 91 000.

5. C.