Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Umbono WeBhayibheli

Ingabe Izinkanyezi Ziyakuthinta Ukuphila Kwakho?

Ingabe Izinkanyezi Ziyakuthinta Ukuphila Kwakho?

Ingabe uyangithanda?

Ngiluthathe lolu hambo namuhla?

Ngizowuthola lo msebenzi?

UKUZE baphendule le mibuzo engenhla, abaningi baphendukela ekufundeni izinkanyezi. * Kodwa ingabe izinkanyezi ziyakuthinta ngempela ukuphila kwakho? Ingabe zingakusiza wazi ngekusasa lakho noma ngokuthile okuphathelene nawe? Lithini iBhayibheli?

Ingabe Izinkanyezi Zingalithonya Ikusasa Lethu?

Abanye abantu bakholelwa ukuthi asinakukushintsha lokho esikudalelwe. Bathi, ikusasa selinqunyiwe, futhi izinkanyezi zingalembula. Kodwa iBhayibheli lisho okuhlukile. Lisitshela ukuthi uNkulunkulu unika abantu inkululeko yokuzikhethela, okusho ukuthi ngezinga elithile bayakwazi ukulawula lokho okwenzeka kubo. Ngokwesibonelo, watshela ama-Israyeli: “Ngimisa amazulu nomhlaba njengofakazi ngokumelene nani namuhla, bokuthi ngibeke ukuphila nokufa phambi kwakho, isibusiso nesiqalekiso; kumelwe ukhethe ukuphila ukuze uqhubeke uphila, wena nenzalo yakho.”—Duteronomi 30:19.

 Ngalawo mazwi, uJehova uNkulunkulu wakwenza kwacaca kubantu bakhe ukuthi babenengxenye enkulu ekulawuleni ikusasa labo. Uma belalela imiyalo yakhe, babezothola izibusiso. Uma bengalaleli, kwakuyobahambela kabi.

Cabanga ngalokhu: Uma ikusasa lomIsrayeli ngamunye lase libhaliwe kakade ezinkanyezini, kwakuyoba nengqondo yini ukuba uNkulunkulu awanxuse ukuba akhethe ukuphila? Ingabe kwakuyobonisa ubulungisa ngoNkulunkulu ukuba awenze alandise ngezenzo zawo ayengenakukwazi ukuzilawula?

Isifundo esisithola eBhayibhelini sicacile: Indlela yethu yokuphila ixhomeke endleleni esikhetha ngayo—hhayi ezinkanyezini—Galathiya 6:7.

Ingabe Izinkanyezi Zingabuthonya Ubuntu Bethu?

Abafundi bezinkanyezi abaningi bawushaya indiva umbono wokudalelwa. Esinye isazi sezinkanyezi sathi: “Yithina esilawula ikusasa lethu.” Kodwa sanezela: “Ngakolunye uhlangothi, isikhathi esazalwa ngaso sinethonya ebuntwini bethu.” Abantu abaningi bakholelwa yinto efanayo. Banomuzwa wokuthi njengoba izinkanyezi namaplanethi kunethonya elingokoqobo emhlabeni wethu, kungani zingenakuba nethonya elifanayo ezintweni eziphilayo? Libonisani iBhayibheli?

IBhayibheli aliyona incwadi yesayensi enikeza yonke imininingwane ngomzimba womuntu nangendawo yonke. Nokho, liyayichaza injongo kaJehova yokudala lezi zindikimba zasezulwini. UGenesise 1:14, 15 uthi: “UNkulunkulu wathi, ‘Makube khona ukukhanya emkhathini kuhlukanise imini nobusuku; futhi kuhlukanise izikhathi zezinkathi . . . Ngiziyala ukuba zikhanyise emhlabeni.’”—Contemporary English Version.

Cabanga ngalokhu: Uma uNkulunkulu aklama izinkanyezi ukuze zithonye ubuntu bethu, wayengeke yini asitshele lokho?

Singaphetha ngokuthini? Izinkanyezi ziyingxenye yemisebenzi kaNkulunkulu yokudala kodwa azibuthonyi ubuntu bethu.

Indlela Efanele

Uma sinesifiso sokwazi ngekusasa lethu noma ukuzazi thina ngokwethu, kuyatuseka kakhulu lokho. Kodwa ikhona indawo engcono yokufuna ulwazi kunasezinkanyezini.

IBhayibheli lichaza uJehova uNkulunkulu ‘njengaLowo owazisa isiphetho kwasekuqaleni.’ (Isaya 46:10) Unenjongo azoyenza igcwaliseke. (Isaya 55:10, 11) Singayithola injongo kaNkulunkulu ngokufunda iBhayibheli. Le ncwadi engcwele yasendulo ichaza nokuthi kungani sihlupheka nendlela uNkulunkulu ayoqeda ngayo lezi zimo ezihlupha isintu. *2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1-4.

Uma kuziwa ekuzihloleni nasekuzithuthukiseni thina ngokwethu, iBhayibheli liyindawo engcono kakhulu yokufuna isiqondiso. Kungani? Kungenxa yokuthi ukulifunda kusisiza ukuba sizihlole thina ngobuqotho. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi uJehova uNkulunkulu ‘unesihe,’ ‘uyephuza ukuthukuthela,’ futhi “ukulungele ukuthethelela.” (Eksodusi 34:6; IHubo 86:5) Kodwa ingabe thina sinjalo? IBhayibheli lingembula indlela yokucabanga eyiphutha futhi lisisize sibone lapho sidinga ukuthuthukisa khona.

Khona-ke, asidingi ukufunda izinkanyezi ukuze sazi ngekusasa lethu noma ngathi ngokwethu. Indlela engcono iwukuhlola iBhayibheli, ‘eliphefumulelwe uNkulunkulu futhi elinenzuzo yokufundisa, yokusola nokuqondisa izinto.’—2 Thimothewu 3:16, 17.

^ isig. 6 Ukufunda izinkanyezi kuwukuhlola ilanga, inyanga, amaplanethi nezinkanyezi ngenkolelo yokuthi lezi zindikimba zasemkhathini zinethonya kithi nokuthi zingasisiza ukuba sazi izinto eziphathelene nathi.

^ isig. 19 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngezinjongo zikaNkulunkulu, bheka isahluko 3 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.