Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sesashonaphi Isineke?

Sesashonaphi Isineke?

UKUNTULA isineke kudala kukhona. Akuyona into esiyeshwamayo ukubona abantu bephelelwa isineke lapho bevaleleke esiminyaminyeni sezimoto noma belinde emgqeni. Kodwa ezinye izazi zikholelwa ukuthi abantu abasenaso isineke njengoba kwakunjalo ngaphambili—futhi ngezizathu ezingase zikumangaze.

Abanye abahlaziyi bathi kule minyaka yamuva ezobuchwepheshe yizo ezenza abantu bantule isineke. Ngokwephephandaba laseCanada i-Gazette of Montreal, abanye abacwaningi basikisela ukuthi “ezobuchwepheshe, kusukela komakhalekhukhwini kuya kumakhamera, i-email nama-iPod, ziyakushintsha ukuphila kwethu . . . Ukusebenza ngokushesha kwalezi zinto zobuchwepheshe kuye kwasenza saphelelwa isineke nakwezinye izici zokuphila kwethu, safisa ukuba izinto zisheshe nakuzo.”

UDkt. uJennifer Hartstein oyisazi sokusebenza kwengqondo usho okuthile okusenza sicabange. Uthi: “Sesiye saba abantu abafuna izinto ezisheshayo futhi silindela ukuba zisheshe, ziphumelele futhi zenzeke ngendlela esifuna ngayo. Lapho lokho kungenzeki, sivele sikhungatheke futhi sicasuke kakhulu, [okuwuphawu] lokuntula isineke.” Uyanezela:  “Siye saphelelwa yikhono lokwehlisa ijubane futhi sithathe isikhathi sethu lapho senza izinto.”

Abanye bakholelwa ukuthi ukuthandwa kwe-email sekuyaphela futhi ingase iphelelwe isikhathi maduze nje. Ngani? Ngoba abantu abaningi abathumela imiyalezo abanaso isineke sokuchitha amahora noma ngisho imizuzu, belinde impendulo. Kanti kuma-email, njengalapho kubhalwa incwadi, ukubingelela nokuvalelisa kuhlale kulindelekile. Kodwa abantu abaningi babheka ukuhleleka okunjalo njengokuyisicefe nokuchitha isikhathi. Bakhetha ukuthumelelana imiyalezo ngendlela esheshayo, engadingi imicikilisho eminingi ye-email. Kubonakala sengathi abantu abanaso nje isineke sokulokhu bebhala izingeniso ezihloniphekile! Abantu abaningi abaziniki isikhathi sokuhlola amaphutha kulokho abakubhalayo. Ngenxa yalokho, izincwadi nama-email kuthunyelwa kubantu okungafanele kuthunyelwe kubo noma kuba namaphutha amaningi aphathelene nemithetho yolimi nendlela yokulubhala.

Abantu abaningi abanaso isineke sokufunda ukwaziswa okude ekhasini elinyathelisiwe

Isifiso sokuba izinto zisheshe asigcini nje ezintweni eziphathelene nobuchwepheshe bezokuxhumana. Abantu babonakala behluleka ukulinda nakwezinye izici zokuphila. Ngokwesibonelo, kuke kwenzeke yini uzithole usukhuluma ushesha, udla uphanga, ushayela imoto ngesivinini esikhulu noma usebenzisa yonke imali ngokushesha? Imizuzu embalwa ulinde ikheshi, amarobhothi omgwaqo ukuba ashintshe noma i-computer ukuba ivuleke, ingase ibonakale iyisikhathi eside kakhulu.

Izazi ziphawule ukuthi abantu abaningi abanaso isineke sokufunda ukwaziswa okude okunyathelisiwe. Ngani? Ngoba sebejwayele ukuvele bakufune emakhasini akuyi-Internet, bagxume besuka emazwini acashunwe esihlokweni baye kwamanye, besuka echashazeni elithile baye kwelinye, benethemba lokuthi bazothola iphuzu eliyinhloko abasuke belifuna ngokushesha okukhulu.

Sesashonaphi isineke? Izazi azinazo izimpendulo eziphelele lapho kukhulunywa ngezimbangela zokuntuleka kwesineke. Noma kunjalo, kubonakala kunobufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi ukuntula isineke kungaba yingozi. Izihloko ezilandelayo zizokhuluma ngezinye zezingozi zokuntula isineke nalokho ongakwenza ukuze ube nesineke kakhudlwana.

Abantu abaningi bajwayele ukuvele bafune ukwaziswa ngokushesha emakhasini e-Internet, bagxume besuka emazwini acashunwe esihlokweni baye kwamanye