Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Izimiso Zokuziphatha Ezizuzisa Ngempela

Izimiso Zokuziphatha Ezizuzisa Ngempela

UChristina akazange awakholwe amehlo akhe! Wayesanda kuthola upulasitiki omnyama owawunesizumbulu semali, esilingana neholo lakhe leminyaka engaphezu kuka-20! Wayemazi umuntu esimlahlekele. Wayezokwenzenjani? Wena, wawuyokwenzenjani? Impendulo yakho izobonisa indlela okubheka ngayo ukwethembeka nokuzimisela kwakho ukunamathela kulesi simiso sokuziphatha.

Ziyini izimiso zokuziphatha? Ziyizindinganiso noma izindlela zokuziphatha esizibheka njengezinhle nezibalulekile. Zingase zihlanganise ukuthethelela, ukwethembeka, inkululeko yokuzikhethela, uthando, inhlonipho ngokuphila kanye nokuzithiba. Ngakho-ke, izimiso zethu zokuziphatha zithonya imikhuba yethu, izinto esizibeka kuqala ekuphileni, ubuhlobo bethu nabanye, kanye neziqondiso zokuziphatha esizinikeza izingane zethu. Nokho, naphezu kokuba lezi zimiso zibalulekile, ziya ngokuya ziwohloka.

UKUWOHLOKA KOKUZIPHATHA

Ngo-2008, abacwaningi e-United States baxoxa namakhulu entsha kanye nabantu abadala ngombono wabo ngezimiso zokuziphatha. Nakhu uDavid Brooks akusho ephephandabeni i-New York Times: “Okuqeda amandla kakhulu, indlela abacabanga nabakhuluma ngayo ngezindaba zokuziphatha.” Iningi lalinomuzwa wokuthi ukudlwengula nokubulala akulungile, kodwa “ngaphandle kwalezo zenzo ezinkulu, umbono ofanele ngokuziphatha wawungekho nje ezingqondweni zabo, ngisho nalapho [becabangela] izinto ezinjengokushayela udakiwe, ukukopela esikoleni noma ukungathembeki kumuntu othandana naye.” Omunye  omusha uthi: “Angivamile ngempela ukuzikhathaza ngokuthi yini elungile nengalungile.” Abaningi banombono wokuthi: ‘Uma kuthi kwenze, kwenze. Landela inhliziyo yakho.’ Ingabe ukucabanga okunjalo kuwukuhlakanipha?

Inhliziyo yomuntu, nakuba ikwazi ukubonisa uthando nozwela ngezinga elikhulu, ‘ingakhohlisa futhi yenze ngokuphelelwa yithemba.’ (Jeremiya 17:9) Leli qiniso elidabukisayo libonakala endleleni izimiso zezwe zokuziphatha ezishintsha ngayo—okuyindlela eyabikezelwa yiBhayibheli. Esikhathini eside esidlule lathi: “Ezinsukwini zokugcina, abantu bayoba abanobugovu, abahahayo, abaqhoshayo, nabakhukhumele,” kanye “nabangenamusa [kuhlanganise] nobudlova.” Kanti futhi, “bayokuzonda okuhle . . . bathande injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:1-5, Good News Translation.

Lawo maqiniso kufanele asishukumisele ukuba sihlole ezethu izinhliziyo, singavele nje sizethembe! Ngempela, iBhayibheli lisho liqinisile ukuthi: “Othemba inhliziyo yakhe uyisiphukuphuku.” (IzAga 28:26) Njengoba kunjalo ngekhampasi, inhliziyo yethu idinga ukuvunyelaniswa nezimiso eziphakeme zokuziphatha ukuze isiqondise kahle. Singazitholaphi lezo zimiso? Abaningi bazifuna eBhayibhelini ngokwalo, futhi bayakwethemba ukuhlakanipha nesiqondiso salo.

IZIMISO ESINGAZETHEMBA!

Izimiso zeBhayibheli zinikeza ubufakazi bokuthi zazenzelwe abantu. Cabangela lezi zibonelo ezimbalwa—izimfanelo ezinjengothando, umusa, ukupha nokwethembeka.

Ukuthanda abanye.

Incwadi ethi Engineering Happiness—A New Approach for Building a Joyful Life ithi: “Uma uye wafunda ukuthanda, khona-ke ngokuqinisekile injabulo iyongqongqoza emnyango wakho.” Kusobala ukuthi, njengabantu, siyaludinga uthando. Ngaphandle kwalo, ngeke sikwazi ukuba nenjabulo yangempela.

Okushiwo yiBhayibheli: “Gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kolose 3:14) Umlobi ofanayo wale ncwadi yeBhayibheli wabuye wathi: “Uma . . . ngingenalo uthando, angilutho.”—1 Korinte 13:2.

Lolo thando akulona olokukhangana ngokobulili futhi aluqhutshwa nje imizwa yokuthatheka; lulawulwa yizimiso. Luwuhlobo lothando olusibangela ukuba sisize nomuntu esingamazi lapho ebhekene nobunzima futhi singalindeli mvuzo. Kweyoku-1 Korinte 13:4-7, siyafunda: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa. Uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi, aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu, alucasuki. Alunamagqubu. Alujabuli ngokungalungi, kodwa lujabulela iqiniso. Lubekezelela zonke izinto, . . . lukhuthazelela zonke izinto.”

Uma lolu hlobo lothando lungekho emikhayeni, kuhlupheka wonke umuntu, ikakhulukazi abantwana. Owesifazane okuthiwa uMonica, wabhala ukuthi eseyingane, wabekezelela ukuhlukunyezwa ngokomzimba, ngokomzwelo nangokobulili. Uthi: “Ngangingathandwa futhi ngingenalo nelincane ithemba.” Lapho eseneminyaka engu-15 ubudala, wahamba wayohlala nogogo wakhe nomkhulu ababengoFakazi BakaJehova.

UMonica uthi: “Phakathi neminyaka emibili nje ngihlala nabo, bafundisa le ntombazanyana enamahloni ukukhululeka nokuba nothando  kanye nokukhathalela abanye. Bangisiza ngaba intokazi ehloniphekile.” Manje uMonica ojabulayo emshadweni wakhe, yena nomyeni wakhe nezingane zabo ezintathu babonisa uthando kwabanye ngokuhlanganyela nabo isigijimi seBhayibheli.

Isitha sangempela sothando esicashile, izinto ezibonakalayo—inkolelo yokuthi ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo nokutamasa yikhona okubaluleke kakhulu. Kodwa, ucwaningo oluphathelene nezimo zokuphila kwabantu lubonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi abantu abadingi imali eningi ukuze bajabule. Eqinisweni, abantu ukuphila kwabo okusekelwe esimisweni sezinto ezibonakalayo bangase balahlekelwe injabulo, okuwumbono osekelwa iBhayibheli. Nakhu umShumayeli 5:10 asitshela khona: “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo. Nalokhu kuyize.” Nakhu okunye iBhayibheli elikushoyo: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali.”—Hebheru 13:5.

Umusa nokupha.

Esinye isihloko esanyatheliswa yi-Greater Good Science Center eNyuvesi yaseCalifornia, eBerkeley e-United States, sathi: “Bekungeke yini kube kuhle ukube ubungakwazi ukungena esitolo uthenge injabulo engapheli? Lo mbono awulona iphupho njengoba ungase uzwakale uyilo—uma nje ungathenga okuthile ngenjongo yokukunika omunye.” Liyini iphuzu? Ukupha kusenza sijabule kakhulu kunokwamukela.

Okushiwo yiBhayibheli: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Ngokuvamile, indlela engcono kakhulu yokupha kanye neyanelisa kakhulu—ukunikela ngathi ngokwethu, okuyisikhathi sethu namandla ethu. Ngokwesibonelo, owesifazane okuthiwa uKaren wabona abesifazane abathathu—umama namadodakazi akhe amabili, behlezi emotweni eyayivulwe ibhonethi. Lo mama nenye indodakazi yakhe kwakufanele bayogibela indiza; kodwa imoto yabo yayingavumi ukuduma kanti netekisi ababelilindele lalingakafiki. UKaren wathi uzobahambisa esikhumulweni sezindiza, ngisho noma kwakuzothatha imizuzu engu-45 ukuya khona. Balwamukela lolu sizo. Lapho esebuya, uKaren wabona indodakazi eyayisele isalokhu ihlezi emotweni ilindile endaweni epaka izimoto.

Lona wesifazane wathi, “Umyeni wami usendleleni uyeza.”

UKaren wamphendula, “Ngiyajabula ukuthi usulutholile usizo. Ngisayolungisa ingadi eHholo lethu LoMbuso, noma esakhiweni sokukhulekela.”

Lona wesifazane wambuza, “Ingabe ungomunye woFakazi BakaJehova?”

“Yebo,” kuvuma uKaren. Kwabe sekuqala ingxoxo emfushane.

Ngemva kwamasonto ambalwa, uKaren wathola incwadi ngeposi. Ingxenye ethile kule ncwadi yayithi: “Mina nomama asisikhohliwe neze isenzo esihle owasenzela sona. Sakwazi ukuthola indiza, siyakubonga! Udadewethu wathi ungomunye woFakazi BakaJehova, okuyinto eyavele yachaza konke. Umama unguFakazi, kanti mina ngaphola. Kodwa ngizosilungisa lesi simo ngokushesha!” UKaren wajabula kakhulu ngokuthi wakwazi ukusiza abakhulekeli akanye nabo ababili. Uthi: “Ngakhala.”

 Nakhu okwalotshwa umbhali uCharles D. Warner: “Kungenye yezinzuzo zokuphila ezinhle kakhulu . . . ukuthi akekho ongazama ngobuqotho ukusiza omunye kodwa yena angasizakali.” Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu wadala abantu ngendlela yokuba babonakalise izimfanelo zakhe eziyigugu, hhayi ubugovu.—Genesise 1:27.

Ukwethembeka.

Le mfanelo enhle iyisisekelo sanoma imuphi umphakathi ophucuzekile. Ukungathembeki kubangela ukwesaba, ukungathembani nokuwohloka komphakathi.

Okushiwo yiBhayibheli: “Ngubani oyoba yisimenywa etendeni [likaNkulunkulu]?” Ithini impendulo? “Yilowo ohamba ngokungenaphutha futhi . . . okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe.” (IHubo 15:1, 2) Yebo, ukwethembeka kwangempela kuwuphawu lobuntu, njengoba kunjalo nangezinye izimfanelo esixoxe ngazo. Akulawulwa izimo.

Uyamkhumbula uChristina owathola upulasitiki owawunemali? Isifiso senhliziyo yakhe sasingekhona ukuzuza ingcebo, kodwa ukuthokozisa uJehova. Ngakho-ke, lapho umnikazi owayekhathazekile ebuya, uChristina wamtshela ukuthi imali yakhe ikhona. Kwammangaza kakhulu ukwethembeka kukaChristina. Nomqashi wakhe wamangala ngendlela efanayo, ngoba kamuva wanika uChristina isikhundla sokuba umphathi wesitolo, okuyisikhundla esifuna ukwethembeka okukhulu. Yeka ukuthi ayiqiniso kanjani amazwi akweyoku-1 Petru 3:10: “Lowo othanda ukuphila futhi abone izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe . . . ekukhulumeni inkohliso.”

‘UKUHAMBA NGENDLELA YABANTU ABAHLE’

Izimiso zokuziphatha okuhle ezitholakala eBhayibhelini zibonisa uthando olujulile uMdali wethu analo ngathi, ngoba lezo zimiso zisenza ‘sihambe endleleni yabantu abahle.’ (IzAga 2:20; Isaya 48:17, 18) Uma silandela lezo ziqondiso, nathi sibonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu bese sivuna izibusiso eziningi. Empeleni, nakhu esikuthenjiswa iBhayibheli: ‘Gcina indlela kaNkulunkulu, uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba. Lapho ababi benqunywa, uyobona.’—IHubo 37:34.

Yeka ikusasa elimangalisayo elilindele labo abanamathela ezimisweni zeBhayibheli—yebo, ukuphila emhlabeni onokuthula nongenabo ububi! Ngempela, izimiso zokuziphatha ezifundiswa iBhayibheli kufanele sizihloniphe. ▪