Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

  UMBONO WEBHAYIBHELI

UJesu

UJesu

Ingabe uJesu unguNkulunkulu?

“Akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu noma nini.”Johane 1:18.

OKUSHIWO ABANTU

Abantu abaningi bayakholwa ukuthi uJesu akayena uNkulunkulu. Noma kunjalo, abanye bakhomba amavesi athile eBhayibhelini abakholelwa ukuthi asekela ukuthi uJesu uyalingana noNkulunkulu.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli alimvezi uJesu njengonguMninimandla Onke noma olingana noNkulunkulu. Ngokuphambene nalokho, lifundisa ngokucacile ukuthi uJesu ungaphansi kukaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, iBhayibheli licaphuna uJesu ngokwakhe ethi: “UBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28) Liphinde lithi: “Akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu noma nini.” (Johane 1:18) UJesu akakwazi ukuba nguNkulunkulu ngoba abantu abaningi empeleni bambona uJesu.

Abalandeli bakaJesu bokuqala abazange basho ukuthi wayenguNkulunkulu. Ngokwesibonelo, iVangeli elabhalwa uJohane lathi ngokuqondene nezinto azibhala: “Lezi zilotshwé phansi ukuze nikholwe ukuthi uJesu unguKristu iNdodana kaNkulunkulu.”Johane 20:31. *

 Wazalwa nini uJesu?

“Kwakukhona abelusi behlala ngaphandle belinda imihlambi yabo ebusuku.”—Luka 2:8.

OKUSHIWO ABANTU

Abanye abantu bagubha uKhisimusi oba ngo-December 25—okucatshangwa ukuthi usuku uJesu azalwa ngalo. Abanye bagubha usuku lokuzalwa kukaJesu ekuqaleni kuka-January.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli alilusho usuku uJesu azalwa ngalo. Kodwa, liyasho ukuthi ngesikhathi uJesu azalwa ngaso, “kwakukhona abelusi behlala ngaphandle belinda imihlambi yabo ebusuku.” (Luka 2:8) Cishe kwakungenakwenzeka ukuthi labo belusi babengalusa imihlambi yabo ngaphandle ebusuku phakathi kuka-December no-January. Ngani?

Endaweni uJesu azalelwa kuyo, kusuke kunamakhaza ashubis’ umnkantsha phakathi kuka-December no-January. Ngokuphathelene naleso sikhathi sonyaka, iBhayibheli lisitshela ukuthi abantu ‘babeqhaqhazela ngenxa yezihlambi zemvula.’ (Ezra 10:9, 13; Jeremiya 36:22) Leso kwakungeke kube isikhathi sonyaka abelusi ‘ababengahlala ngaso ngaphandle’ nemihlambi yabo.

Ingabe uJesu wavuswa ngempela ngemva kokufa?

“UNkulunkulu wamvusa [uJesu] kwabafileyo.”—IzEnzo 3:15.

OKUSHIWO ABANTU

Abanye abantu bakholelwa akunakwenzeka ngomuntu, kuhlanganise noJesu, ukuba avuke ekufeni.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UJesu watshela abalandeli bakhe ukuthi ‘wayezohlupheka ngezinto eziningi abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.’ (Mathewu 16:21) IBhayibheli lisibikela ukuthi ngemva kokuba ebulewe futhi wavuswa, uJesu wabonakala kubantu abafinyelela ku-500. (1 Korinte 15:6) Labo fakazi bokuzibonela bakholwa ngaphandle kokungabaza ukuthi wayevusiwe kwabafileyo. Babezimisele ngisho nokuyifela leyo nkolelo!—IzEnzo 7:51-60; 12:1, 2.

OKWENZA IBALULEKE LE NDABA

IBhayibheli lisifundisa ukuthi ukufa kukaJesu nokuvuswa kwakhe kwavulela abantu indlela yokuzuza esithembisweni seBhayibheli sePharadesi emhlabeni. (IHubo 37:11, 29; IsAmbulo 21:3, 4) Sinethemba lokuthola ukuphila okungapheli kulelo Pharadesi lasemhlabeni ngenxa yothando olwaboniswa uJesu noYise onguMninimandla Onke, uJehova.—Johane 3:16; Roma 6:23.

^ isig. 7 IBhayibheli alifundisi ukuthi uNkulunkulu unomfazi ongokoqobo aye wazala naye abantwana. Kunalokho, libiza uJesu ngokuthi “iNdodana kaNkulunkulu” ngoba yena wadalwa uNkulunkulu ngokuqondile, enezimfanelo ezifana nezikaYise.