Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukusebenzelana Nemimoya

Ukusebenzelana Nemimoya

Ingabe akulungile ukuzama ukuxhumana nabafileyo?

“Ningaphendukeli kwabanemimoya, . . . ukuze ningcoliswe yibo.”Levitikusi 19:31.

OKUSHIWO ABANTU

Kuyaqondakala ukuthi abantu bafuna isiqinisekiso sokuthi isihlobo sabo esishonile asihlupheki. Ngakho bathi: “Kungani singazami ukuxhumana naye ngosizo lwabaphansi, noma izangoma, ababhulayo? Mhlawumbe ababonayo bangasinikeza umbono othile kanye nokuthula kwengqondo.”

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli aligwegwesi ngokuphathelene nemizamo yabantu yokuxhumana nabafileyo—okuwumkhuba owawuvamile endulo. Ngokwesibonelo, uMthetho kaJehova uNkulunkulu esizweni sakwa-Israyeli wathi: “Akufanele kutholakale kuwe noma ubani . .  obuza konemimoya noma . .  obuza kwabafileyo. Ngoba wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova.” (Duteronomi 18:10-12) IBhayibheli liphinde lithi labo abasebenzelana nemimoya nganoma iyiphi indlela, ‘ngeke balizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu.’ Galathiya 5:19-21.

 Ingabe abafileyo bangabathonya abaphilayo?

“Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.” UmShumayeli 9:5.

OKUSHIWO ABANTU

Iningi labantu lithi abafileyo bayaqhubeka bephila ngandlela thile. Ngakho, bangase bazame ukukhuluma nabafileyo, mhlawumbe bazame ukuthola ukwaziswa okuthile noma bashweleze kubo ngethemba lokuthi bazophila ukuphila okunokuthula.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

“Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho . . . Uthando lwabo nenzondo yabo nomhawu wabo [imizwa ababenayo besaphila] sekushabalele kakade.” (UmShumayeli 9:5, 6) Yebo, iBhayibheli lifundisa ukuthi abafileyo bamane nje bafile! Abakwazi ukucabanga, ukwenza okuthile noma ngisho nokukhulekela uNkulunkulu. IHubo 115:17 lithi: ‘Abafileyo bona abamdumisi uNkulunkulu, nanoma yibaphi abehlela ekuthuleni kokufa.’

Ingabe abasebenzelana nemimoya abakwazi ukusinika imininingwane enembile ngezinye izikhathi?

‘Ingabe abantu kufanele babuze kwabafileyo ngenxa yabantu abaphilayo?’Isaya 8:19.

OKUSHIWO ABANTU

Abanye bathi abasebenzelana nemimoya bayakwazi ukwambula ulwazi okufanele lwaziwe abafileyo nemindeni yabo kanye nabangane babo kuphela.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Eyoku-1 Samuweli isahluko 28, ilandisa ngendlela inkosi engathembekile egama layo linguSawule eyawephula ngayo umthetho kaNkulunkulu othi kungabuzwa kwabasebenzelana nemimoya. Wancenga owesifazane osebenzelana nemimoya, owabonakala sengathi ukhuluma nomuntu kaNkulunkulu osewafa ogama lakhe linguSamuweli. Kodwa ingabe wayexhumane noSamuweli ngempela? Cha! Empeleni, wayekhuluma nomkhohlisi—othile owayezenza uSamuweli ofileyo.

Lowo mkhohlisi kwakuwumoya omubi, isithunywa ‘sikayise wamanga’—uSathane. (Johane 8:44) Kungani imimoya emibi, noma amademoni, enikeza umbono wokuthi abafileyo bayaqhubeka bephila? Umgomo wawo uwukunyundela uNkulunkulu nokululaza iZwi lakhe elilotshiwe, iBhayibheli.2 Thimothewu 3:16.

Ingabe lokhu osekushiwo kusho ukuthi alikho ithemba ngabafileyo? Akunjalo neze! IBhayibheli lithembisa uvuko lwesikhathi esizayo lwalabo okunjengokungathi ‘balele’ emathuneni. * (Johane 11:11-13; IzEnzo 24:15) Okwamanje, siyaqiniseka ukuthi abathandekayo bethu abafileyo abahlushwa yilutho.

^ isig. 16 Isahluko 7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? sinesihloko esithi “Ithemba Langempela Ngabathandekayo Bakho Abafile.”