Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Indlela Yokusebenzisa Isikhathi Sakho Ngokuhlakanipha

Indlela Yokusebenzisa Isikhathi Sakho Ngokuhlakanipha

“Ukuba nje benginesikhathi esanele!” Kukangaki usho lawo mazwi? Ngomqondo othile, bonke abantu bathola isikhathi esilinganayo, ngoba abanamandla nabacebile abanaso isikhathi esiningi kunesabantukazana nabampofu. Ngaphezu kwalokho, abacebile nabampofu abakwazi ukuqongelela isikhathi. Uma sesidlulile sidlulile. Ngakho kuwukuhlakanipha ukusisebenzisa kahle isikhathi esinaso. Singakwenza kanjani lokho? Cabangela izindlela ezine eziye zasiza abantu abaningi ukuba basisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi sabo.

Indlela 1: Hleleka

Hlela izinto ngokubaluleka kwazo. IBhayibheli lisinxusa ukuba ‘Siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Filipi 1:10) Bhala phansi uhlu lwezinto okumelwe uzenze, kokubili ezibalulekile neziphuthumayo, uzibhale ngokubaluleka kwazo—ngokwesibonelo ukuwasha izingubo kungase kube into ebalulekile kodwa engaphuthumi kangako. Ngokufanayo into engase ibonakale iphuthuma—njengokubukela uhlelo oluthandayo kuyi-TV—ingase ingabi ebaluleke ngempela. *

Hlela kusengaphambili. UmShumayeli 10:10 uthi: “Uma ithuluzi lensimbi selibe buthuntu futhi umuntu engazange alilole, khona-ke uyokhama amandla akhe. Ngakho ukusebenzisa ukuhlakanipha ukuze uphumelele kusho inzuzo.” Siyini isifundo? Lola imbazo yakho, ngokuhlela kusengaphambili ukuze usisebenzise ngokunenzuzo isikhathi sakho. Bekela eceleni noma uhlehlise izinto ezingabalulekile, ezidla isikhathi neziqeda amandla. Uma uqede umsebenzi wakho ngaphambi kwesikhathi, kungani ungenzi omunye umsebenzi obuhlele ukuwenza kamuva? Ngokuhlela kusengaphambili, ungafeza okuningi njengendoda elola imbazo yayo ngaphambi kokuyisebenzisa.

Ungazikhathazi ngezinto eziningi. Zifundise ukwenqaba izinto ezingabalulekile noma ezikudlela isikhathi. Imisebenzi eminingi noma izithembiso kungakucindezela ngokungadingekile futhi kukwenze ungajabuli.

 Indlela 2: Gwema Izinto Ezidla Isikhathi

Ukuhlehlisa izinto nokunqikaza. “Obheka umoya ngeke ahlwanyele mbewu; nalowo obheka amafu ngeke avune.” (UmShumayeli 11:4) Siyini isifundo? Ukuhlehlisa izinto kudla isikhathi futhi kukwenza ungakufezi okuningi. Umlimi olinda ukuthi yonke into ize ime ngononina kuqala ngaphambi kokuba alime, angase agcine engatshalanga futhi engavunanga. Ngokufanayo, singase sivumele ukungaqiniseki ngezinto kusenze sinqikaze ukuthatha isinyathelo. Singase futhi sibe nomuzwa wokuthi kudingeka sazi konke okuhilelekile ngaphambi kokuba senze isinqumo. Kuyavunywa, ukwenza isinqumo kudinga ukucwaninga nokucabangisisa. IzAga 14:15 zithi, “Okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” Kodwa iqiniso liwukuthi, izinqumo eziningi ezenziwayo zihilela ukungaqiniseki okuthile.UmShumayeli 11:6.

Ukungafuni kwenza phutha. UJakobe 3:17 uthi, “Ukuhlakanipha kwaphezulu [okuvela kuNkulunkulu] . . . kuyabonelela.” Kuyatuswa ukuba nezindinganiso eziphakeme! Nokho, ngezinye izikhathi singazibekela izindinganiso eziphakeme kakhulu ezingasilethela ukudumazeka ngisho nokwehluleka imbala. Ngokwesibonelo, umuntu ofunda olunye ulimi, kumelwe akulindele ukwenza amaphutha futhi afunde kuwo. Kodwa umuntu ongafune kwenza phutha angase akhethe ukungasho lutho ngenxa yokwesaba ukuthi uzobheda—indlela yokucabanga engathiya intuthuko yakhe. Yeka ukuthi kuhle kanjani ukulinganisela kwesikulindele! IzAga 11:2 zithi, “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” Ngaphezu kwalokho, abantu abanesizotha nabathobekile, abazibheki njengabaluleke kakhulu futhi ngokuvamile abazenyezi lapho benza amaphutha.

“Empeleni izinto awuzikhokheli ngemali. Uzikhokhela ngesikhathi.”—Incwadi ethi What to Do Between Birth and Death

 Indlela 3: Linganisela Futhi Ubhekane Namaqiniso

Linganisela phakathi komsebenzi nezokuzilibazisa. “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.” (UmShumayeli 4:6) Abantu abasebenza ngokweqile bavame ukuzincisha ukuphumula ngemva ‘komsebenzi wabo omningi onzima.’ Basala bekhathele beyingcuba noma bahlala bengenasikhathi. Ngakolunye uhlangothi, amavila wona achitha isikhathi esiningi ephumule kunokwenza ‘umsebenzi onzima’ ngaleyo ndlela asaphaze isikhathi sawo esiyigugu. IBhayibheli likhuthaza lo mbono olinganiselayo: Sebenza kanzima bese ujabulela umvuzo. Injabulo enjalo ‘iyisipho sikaNkulunkulu.’UmShumayeli 5:19.

Lala ngokwanele. Umlobi weBhayibheli wathi, “Ngiyocambalala ngilale ngokuthula.” (IHubo 4:8) Abantu abaningi abadala badinga ukulala amahora angu-8 ukuze imizimba, imizwelo kanye nengqondo yabo kusebenze kahle. Ngakho ukulala kungenye yezindlela zokusebenzisa kahle isikhathi ngoba kusiza ingqondo ukuba ikwazi ukugxila, kuthuthukise nenkumbulo, kanjalo kwenze kube lula ukufunda. Kanti ukungalali kuphazamisa ikhono lokufunda, kungabanga nezingozi, amaphutha futhi kungakwenza ube nenhliziyo encane.

Zibekele imigomo efinyelelekayo. “Kungcono ukubona ngamehlo kunokuhambahamba komphefumulo.” (UmShumayeli 6:9) Liyini iphuzu? Umuntu ohlakaniphile akavumeli ukuba ukuphila kwakhe kulawulwe izifiso ezingathi shú, ikakhulukazi lezo angase angakwazi ukuzifinyelela. Ngakho, akakhohliswa izikhangiso ezihloselwe ukuyenga noma omashonisa. Kunalokho, ufunda ukwaneliseka ngalokho angakwazi ukukufinyelela—‘okubonwa ngamehlo akhe.’

 Indlela 4: Qondiswa Izimiso Zokuziphatha Okuhle

Cabanga ngezimiso ophila ngazo. Izimiso ophila ngazo zikusiza ukuba ukwazi ukubona ukuthi yikuphi okuhle, okubalulekile nokuzuzisayo. Indlela ophila ngayo, iqondiswa izimiso ozibekele zona. Ngakho, izimiso zokuziphatha okuhle zikusiza ukuba uhlele kahle izinto eziza kuqala ekuphileni nokuthi usebenzise kahle isikhathi ositholayo usuku nosuku. Ungazitholaphi izimiso ezinjalo? Abantu abaningi bazifuna eBhayibhelini, ngoba beqaphela ukuhlakanipha kwalo okuphakeme.IzAga 2:6, 7.

Yenza uthando luvelele ekuphileni kwakho. EyabaseKolose 3:14 ithi, uthando “luyisibopho esiphelele sobunye.” Asikwazi ukujabula ngempela ekuphileni futhi sizizwe silondekile ngokomzwelo ngaphandle kothando, ikakhulukazi emndenini. Abantu abakushaya indiva lokhu, mhlawumbe bachithe isikhathi sabo esiningi beqongelela ingcebo noma begijimisa imfundo, ngeke bajabule. Yingakho iBhayibheli lithi uthando luyimfanelo evelele futhi likhuluma ngalo izikhathi eziningi.1 Korinte 13:1-3; 1 Johane 4:8.

Bekela eceleni isikhathi sokufunda ngoNkulunkulu. Indoda egama layo linguGeoff, yayinenkosikazi enothando, nezingane ezimbili ezijabulayo, nabangane abakhathalelayo nomsebenzi oholela kahle emkhakheni wezimo eziphuthumayo. Noma kunjalo, kaningi umsebenzi wakhe wawumenza abone abantu abasezimweni ezibucayi zempilo nabafayo. Wabe esezibuza, “Ingabe ukuphila kwakuhloselwe ukuba kube nje?” Ngolunye usuku wabe esefunda enye yezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezinyatheliswe oFakazi BakaJehova futhi wathola izimpendulo ezigculisayo zemibuzo yakhe.

UGeoff wachazela umkakhe nezingane zakhe ngalokho ayekufunda, nabo baba nelukuluku. Ngakho lo mndeni waqala ukufunda iBhayibheli, okwacebisa ukuphila kwawo futhi kwawusiza ukuba ukwazi ukusebenzisa kahle isikhathi sawo. Futhi ukufunda kwawo iBhayibheli kwabanika ithemba elijabulisayo lokuphila okuphakade ezweni elingenakho ukukhandlekela ize nokuhlupheka.IsAmbulo 21:3, 4.

Indaba kaGeoff isikhumbuza amazwi kaJesu Kristu athi, “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Ingabe uzimisele ukubekela eceleni isikhashana esithile ukuze ufunde ngoNkulunkulu? Ungaqiniseka ngokuthi, ukufunda ngoNkulunkulu kuyokunika ukuhlakanipha okungenakuqhathaniswa okuyokuzuzisa ukuphila kwakho konke.

^ isig. 5 Bheka isihloko esithi, “Izindlela Ezingu-20 Zokuzenzela Isikhathi Esithé Xaxa,” kuyi-Phaphama! ka-April 2010.