Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izinyembezi Zakho Eziyindida

Izinyembezi Zakho Eziyindida

SIQALA ukukhala lapho nje sizalwa. Omunye uchwepheshe wathi ukukhala kufeza injongo efanayo nefezwa “inkaba yengane lapho isesesiswini,” ngoba siyakhala ukuze isidingo sethu esingokomzwelo nesingokomzimba sinakekelwe. Pho kungani sikhala izinyembezi njengoba sikhula, uma kunezinye izindlela esingaveza ngazo imizwa yethu?

Izinyembezi ezingokomzwelo ezigobhoza emehlweni ethu zibangelwa izimo ezihlukahlukene. Singase sikhale ngenxa yosizi, ukukhungatheka, ubuhlungu emzimbeni noma ukuhlukumezeka engqondweni. Kodwa injabulo esuka ekujuleni kwenhliziyo, ukukhululeka noma ukufeza okuthile nakho kubangela izinyembezi—lezo zinyembezi ezenjabulo. Izinyembezi futhi ziyathelelana. UMariá uthi: “Uma ngibona omunye ekhala—kungakhathaliseki ukuthi ukhalelani—ngiyehluleka ukuzibamba ngizibone sengikhala.” Mhlawumbe nezinto ezingenzeki ngokoqobo njengakuyifilimu noma encwadini ziyakukhalisa.

Kungakhathaliseki ukuthi ukhalelani, ukukhala kuyindlela enamandla yokusho into ngaphandle kokusebenzisa amazwi. Incwadi i-Adult Crying ithi, “Zimbalwa kakhulu ezinye izindlela zokuveza imizwa yethu ngesikhashana nje.” Izinyembezi ziyabashukumisa abanye. Ngokwesibonelo, iningi lethu alikwazi ukungathinteki lapho omunye ekhala izinyembezi zokudabuka, ngoba zisitshela ukuthi lowo muntu ubhekene nobunzima. Ngakho, singase sizame ukumduduza noma ukumsiza lowo okhalayo.

Abanye ochwepheshe bakholelwa ukuthi ukukhala kuyindlela ewusizo yokuveza imizwelo yethu, nokuthi ukujwayela ukubamba izinyembezi kungayilimaza impilo yethu. Abanye baphikisa ngokuthi izinzuzo zokukhala emzimbeni nasengqondweni yethu azinabo ubufakazi obungokwesayensi. Noma kunjalo, inhlolo-vo ilinganisela ukuthi abesifazane abangamaphesenti angu-85, nabesilisa abangamaphesenti angu-73 babika ukuthi bazizwa kangcono ngemva kokukhala. UNoemí uthi, “Kunezikhathi lapho ngizwa khona ukuthi kudingeka ngikhale. Ngemva kokukhala, ngibe sengidonsa umoya bese ngibona izinto ngombono ocacile, ngokwalokho eziyikho.”

Inhlolo-vo ilinganisela ukuthi abesifazane abangamaphesenti angu-85, nabesilisa abangamaphesenti angu-73 babika ukuthi bazizwa kangcono ngemva kokukhala

 Kodwa lo muzwa wokuzizwa ungcono ungase ungaxhomeki kuphela ezinyembezini. Indlela abanye abasabela ngayo ekukhaleni kwethu nayo ifeza indima ebalulekile. Ngokwesibonelo, lapho izinyembezi zethu zishukumisela abanye ukuba basiduduze noma basisize, sizizwa sikhululeka. Kodwa uma indlela abanye abasabela ngayo ezinyembezini zethu ingeyinhle, singase sizizwe siphoxekile noma singafunwa.

Ngokusobala, kusekhona okuyindida ngezinyembezi. Kodwa esikwaziyo ukuthi ukukhala izinyembezi kungenye yezindlela ezimangalisayo zokuveza imizwelo uNkulunkulu asiphe zona.