Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | NGISAPHILELANI NJE?

Ngoba Likhona Ithemba

Ngoba Likhona Ithemba

“Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”IHUBO 37:11.

IBhayibheli liyavuma ukuthi ‘ukuphila kugcwele ukuyaluza.’ (Jobe 14:1) Namuhla, bonke abantu bahlangabezana nenhlekelele yohlobo oluthile ekuphileni kwabo. Nokho, abanye abantu abanathemba ngokuphelele ngokuphila, njengokungathi ayikho nencane inhlansi yokukhanya, akukho themba lekusasa elingcono. Ingabe yileyo ndlela ozizwa ngayo? Uma kunjalo, qiniseka ngokuthi iBhayibheli linikeza ithemba langempela—hhayi kuwe nje kuphela kodwa kuso sonke isintu. Ngokwesibonelo:

  • IBhayibheli lifundisa ukuthi uJehova uNkulunkulu wayesifunela okungcono kakhulu.Genesise 1:28.

  • UJehova uNkulunkulu uthembisa ukwenza umhlaba wethu ube yipharadesi.Isaya 65:21-25.

  • Leso sithembiso siyofezeka nakanjani. IsAmbulo 21:3, 4 sithi:

    “Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”

Lelo themba alilona nje iphupho. UJehova uNkulunkulu uhlose ukuligcwalisa futhi unamandla nesifiso sokwenza kanjalo. Ithemba elinikezwa yiBhayibheli lithembekile futhi linikeza impendulo enamandla embuzweni othi “Ngisaphilelani nje?”

KHUMBULA LOKHU: Ngisho noma imizwelo yakho ingase iyaluze njengesikebhe esisolwandle olugubhayo, umyalezo weBhayibheli wethemba ungafana nehange elikugcina uzolile.

ONGAKWENZA NAMUHLA: Qala ukuhlola ukuthi iBhayibheli lifundisani ngethemba langempela ngekusasa. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza. Ungathintana nabo endaweni yangakini noma uthole ulwazi olubalulekile engosini yabo ethi jw.org/zu. *

^ isig. 11 Ongakwenza: Ngena engosini ethi jw.org/zu bese ubheka ngaphansi kwesihloko esithi IZINCWADI > I-ONLINE LIBRARY. Uma usulapho, funa ngokubhala amagama anjengelithi “ukucindezeleka” noma “ukuzibulala” ukuze uthole usizo olwengeziwe.