Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

E-United States

Amanye amaphoyisa asebenzisa ubuchwepheshe ukuze anciphise izingozi ezingadalwa ukujaha izimoto. Okunye okuye kwazanywa, ukufakwa kwezimoto zamaphoyisa okuthile okudubula njengesibhamu, kukhiphe imishini ye-GPS enikeza umkhondo enamathela ezimotweni azijahayo. Khona-ke angakwazi ukulandela labo abasolwayo ngejubane elikahle.

ENdiya

Kulinganiselwa ukuthi owesifazane oyedwa uyabulawa ihora ngalinye ngenxa yengxabano edalwa ilobolo elikhishwa owesifazane lapho egana. Nakuba leli siko lingasekho emthethweni, ngo-2012 bangaphezu kuka-8 200 abesifazane ababulawa ngenxa yokuthi umkhwenyana noma abakubo babekholelwa ukuthi ilobolo elikhishwe umakoti alanele.

ESwitzerland

Amahlolamvula amathathu ohlobo lwe-alpine, abanjwa ezidlekeni zawo, afakwa imishini emincane ethungatha indlela eyembula ukuthi lezi zinyoni zindiza izinsuku ezingaphezu kuka-200 zingami ndawo lapho zifudukela e-Afrika. Esikhathini esingaphambili, bekwaziwa ukuthi izilwane zasolwandle kuphela ezinamandla okuhamba ibanga elide kangako zingami ndawo.

Ophondweni Lwe-Afrika

Abaphangi bemikhumbi, báthumba imikhumbi engu-179 ogwini olusoPhondweni Lwe-Afrika phakathi kuka-April 2005 no-December 2012. Ucwaningo lweBhange Lomhlaba lulinganisela ukuthi umphumela walezo zenzo zobugebengu, wafinyelela ekukhokhweni kwemali eyizigidi eziyizinkulungwane ezine zamaRandi ukuze kukhululwe leyo mikhumbi kubaphangi.