Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela EBelize

Ukuvakashela EBelize

IBELIZE iyindawo encane kodwa enezinto eziningi—amahlathi emvula namanzi acwebile anombala oluhlazana azungeze iziqhingi eziningi eziseduze kogu. Kodwa ukuhlukahluka kokubukeka kwendawo kumane kuyisiqalo sezimangaliso zaseBelize.

Kunamakhulu ezinhlobonhlobo zezinyoni nezilwane ezitholakala kuleli zwe. Phakathi kwezilwane zasendle ezitholakalayo, kukhona upholi onoqhwaku olukhulu kanye ne-Baird’s tapir—isilwane esinekhala elide esiwuhlobo lukabhejane esikwazi ukugijima endaweni eyomile nangaphansi kwamanzi! Kukhona nengwe eziphilela yodwa yohlobo lwe-jaguar. Empeleni, iBelize iyaziqhenya ngokuba nesiqiwi sokuqala emhlabeni esilondoloze i-jaguar.

IBelize iyaziqhenya ngokuba nesiqiwi sokuqala emhlabeni esigcina i-jaguar

IBelize yake yaba yingxenye yezwe lempucuko yabantu bomdabu baseMelika Ephakathi amaMaya. Ibutho laseSpain lahlasela kule ndawo ngekhulu le-16, kodwa alizange likwazi ukuwanqoba ngokuphelele amaMaya. Kamuva, abaseBrithani bakwazi ukubusa le ndawo futhi ngo-1862 bayibiza ngokusemthethweni ngekoloni leBritish Honduras. Ngo-1981, iBelize yaba yizwe elizimele.

Abantu baseBelize bayizinhlanga ezihlukahlukene njengezinto ezibazungezile. Ezinye zezinhlanga eziyinhloko amaCreole, ama-East Indian, amaGarifuna, amaMaya namaMestizo. Abantu bakhona banobungane nenhlonipho. Lapho izingane zikhuluma nabantu abadala, zivame ukusebenzisa amagama athi “Sisi” noma “Mnumzane” futhi uma zisabela zithi, “Yebo, mama” noma “Cha, mnumzane.”

Imakethe esedolobheni laseBelize

EBelize, kunamabandla oFakazi BakaJehova oLimi Lwezandla LwaseMelika, isiBelize Kriol, isiNgisi, iLow German, isiMandarin samaShayina, isiMaya neSpanishi. Ngo-2013, cishe oyedwa kubantu abangu-40 baseBelize wahlanganyela noFakazi eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu.

INGABE BEWAZI? Izixhobo zamakhorali zaseBelize ziyibanga elingamakhilomitha angaphezu kuka-290 ubude. Zingezesibili ngobukhulu emhlabeni, ngemva kwezase-Australia ezibizwa ngokuthi iGreat Barrier Reef.

Izixhobo zamakhorali zaseBelize zingezesibili ngobukhulu emhlabeni