Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abalimi Abandizayo Basehlathini Lemvula

Abalimi Abandizayo Basehlathini Lemvula

NJENGOBA abalimi abaningi bazi, ukulima okuphumelelayo kuncike ekuhlwanyeleni imbewu endaweni efanele ngesikhathi esifanele. Nokho, nakuba lokhu kungase kubonakale kuxakile, omunye wemisebenzi yokuhlwanyela ehlathini lemvula wenziwa ebusuku—futhi abahlwanyeli basuke bendiza. Laba balimi abandizayo abahambe betshala, bangamalulwane adla izithelo abizwa ngokuthi ama-Old World—amanye awo kuthiwa ama-flying fox. *

Ukuhlwanyela Imbewu

Iningi lala malulwane lindiza ebusuku, lithungatha izihlahla ezisehlathini ezinezithelo ezimnandi noma izimbali ezinompe. Njengoba ezulazula emoyeni ethungatha, la malulwane agaya izithelo asuke ezidlile abese ekhipha ingxenye yesithelo ethambile esuke ingagayekanga kanye nezinhlamvu zaso. Ukuze aqedele umsebenzi wawo wokunakekela le nsimu eyihlathi, aphinde athathe impova eyisusa kwenye imbali ayiyise kwenye njengoba ephuza umpe aluthanda kakhulu.

Njengoba la malulwane adla izithelo ehamba amabanga amade phakathi nobusuku, angahlwanyela imbewu endaweni ebanzi. Kanti ngenxa yokuthi ayayigwinya imbewu ngaphambi kokuba ayikhiphe ngemuva, abuye enze “nomanyolo” osiza imbewu ukuba ikhule. Akumangalisi-ke ukuthi izitshalo eziningi ehlathini lemvula zincike emalulwaneni ukuze athuthe impova futhi asakaze nembewu yazo.

Ngenxa yokuthi ahlanganisa indawo ebanzi kakhulu, la malulwane kudingeka abe nekhono lokuthungatha indlela kanye neso elibukhali. Endaweni engakhanyi kahle, abona kangcono kunabantu. Akwazi ngisho nokuhlukanisa phakathi kwemibala ehlukahlukene. Kanti awakuxwayi neze ukundiza kokubili emini nasebusuku.

Ukuphila Komndeni

INGABE BEWAZI? Ngokungefani namanye amalulwane, amalulwane adla izithelo awathungathi ukudla kwawo ngokwenza umsindo, kodwa asebenzisa amehlo nokuhogela. Amehlo awo amakhulu akulungele kahle ukubona ebusuku

Amalulwane aseSamoa ohlobo lwe-flying fox azala ukuphila kwawo konke. Njengoba kuye kwaphawuleka nakwezinye izinhlobo zamalulwane, ilulwane lensikazi limnakekela kahle umntanalo, lihamba naye limbelethile amasonto ambalwa futhi limncelisa cishe aze akhule ngokugcwele. Kwezinye izinhlobo ezimbili zala malulwane, elensikazi lingase ngisho lithole “umbelethisi” ozolisiza lapho lizala.

Ngokudabukisayo, iningi lala malulwane lisengozini yokuqothulwa, ngokwengxenye ngenxa yokucekelwa phansi kwendawo aphila kuyo. Eziqhingini eziseNingizimu yePacific, ukunyamalala kwamalulwane kuyodala umonakalo omkhulu ngoba ezinye izinhlobo zezitshalo zakulezi ziqhingi kubonakala zingenayo enye indlela yokuthutha impova ngaphandle kwamalulwane. Ngokusobala, umsebenzi walaba balimi abandizayo akufanele ubukelwe phansi.

^ isig. 2 La malulwane atholakala e-Afrika, e-Asia, e-Australia nakwezinye iziqhingi zasePacific.