Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IYINI IMPUMELELO YANGEMPELA?

Indlela Yokufinyelela Impumelelo Yangempela

Indlela Yokufinyelela Impumelelo Yangempela

IBhayibheli likhuthaza umbono ofanele ngempumelelo. Alifundisi ukuthi impumelelo ifinyelelwa yidlanzana labantu elinenhlanhla kuphela. Ngakolunye uhlangothi, alivumelani nalokho okuvame ukukhuthazwa izincwadi, ukuthi uma umane ‘ulandela amaphupho akho’ konke okufisayo kuyofezeka. Leyo mfundiso—evame ukufunzwa izingane kusukela ebuntwaneni—maningi amathuba okuba idumaze.

Iqiniso liwukuthi wonke umuntu angayithola impumelelo—kodwa kudinga umzamo. Cabangela la mavesi alandelayo.

  • OKUSHIWO YIBHAYIBHELI:

    “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo.”UmShumayeli 5:10.

    ELIKUCHAZAYO. Ukuphila okwanelisayo akubangelwa ukuba nengcebo. Eqinisweni, kuvame ukwenza okuphambene. Encwadini yakhe ethi Generation Me, udokotela uJean M. Twenge wabhala: “Ngokuyinhloko abantu abazimisele ngokuceba, bavame ukukhathazeka nokucindezeleka kunabantu abazisa ubungane obuqinile nabanye.” Uyenezela: “Kaningi abacwaningi bathola ukuthi imali ayinakuyithenga injabulo—ngemva kokuthola umholo owudingayo, imali ayibe isahlobana nakancane nokwaneliseka ekuphileni.”

    ONGAKWENZA. Zibekele umgomo ngento ezuzisa kangcono kunengcebo nokuba nezinto. UJesu wathi, ‘Qaphani yonke inhlobo yokuhaha, ngoba ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.’Luka 12:15.

  • OKUSHIWO YIBHAYIBHELI:

    “Ukuziqhenya kwandulela ukuphahlazeka, nomoya ozidlayo wandulela ukukhubeka.”IzAga 16:18.

    ELIKUCHAZAYO. Isifiso sokuvelela nokuqhosha ngeke kukusize ukuba uthole impumelelo yangempela. Empeleni, incwadi ethi Good to Great, iphawula ukuthi abaphathi bezinkampani ababe nempumelelo yokuphatha isikhathi eside, “babonisa isizotha, ukuzibeka phansi futhi abaqhoshi. Ngokuphambene nalokho, izingxenye ezimbili kwezintathu zezinkampani eziqhathaniswa nalezi, zinabaphathi abazidla ngendlela exakile, okuholele ekuwohlokeni noma ekungakhiqizini okuqhubekayo kwezinkampani abaziphethe.” Siyini isifundo? Ukuzicabangela ngokwedlulele kwandisa amathuba okwehluleka kunokuphumelela.

    ONGAKWENZA. Esikhundleni sokufuna ukuvelela, hlakulela ukuthobeka. IBhayibheli lithi: “Uma umuntu ecabanga ukuthi uwutho abe engelutho, ukhohlisa eyakhe ingqondo”—okungelona neze uphawu lwempumelelo!Galathiya 6:3.

  • OKUSHIWO YIBHAYIBHELI:

    “Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba adle futhi aphuze, abangele umphefumulo wakhe ubone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.”UmShumayeli 2:24.

    ELIKUCHAZAYO. Uma uhlakulela imikhuba emihle yokusebenza, cishe uyowujabulela nakakhulu umsebenzi wakho. Encwadini yakhe ethi Teach Your Children Well, udokotela uMadeline Levine wabhala: “Ingxenye yokuzizwa uphumelela kokuthile ibangelwa ukuyenza kahle leyo nto, futhi ukuyenza kahle leyo nto kuhlobene kakhulu nokwenza umzamo nokuphikelela.” Lokho kuhilela ukuba namandla okubhekana nokuhluleka ngezinye izikhathi.

    ONGAKWENZA. Sebenza kanzima ukuze ube isisebenzi esinekhono, futhi ungapheli amandla lapho uhlangabezana nezingqinamba. Uma unezingane, zinike ithuba lokuzixazululela izinkinga zazo (kuye ngokweminyaka namakhono azo.) Ungasheshi ugijimele ekusombululeni zonke izinkinga zazo. Intsha ithola ukwaneliseka kwangempela nokuqeqeshwa okuyoyisiza lapho isikhulile uma iba namandla okukhuthazela.

  • OKUSHIWO YIBHAYIBHELI:

    “Inja ephilayo ingcono kakhulu kunengonyama efileyo.”UmShumayeli 9:4.

    ELIKUCHAZAYO. Uma usebenza, umsebenzi wakho kufanele ube ingxenye yokuphila kwakho—kodwa hhayi ukuphila kwakho konke. Ngempela, ungazizwa kanjani uphumelele uma wenza kahle kakhulu emsebenzini wakho kodwa ulahlekelwa impilo noma inhlonipho yomndeni wakho? Abantu abaphumelela ngempela balwa kanzima ukugcina umsebenzi, impilo nokuphila komndeni kusesilinganisweni esifanele.

    ONGAKWENZA. Zinakekele. Phumula ngokwanele. Kuncane kakhulu ongakuzuza ngokuba umuntu ozigqilaza ngomsebenzi, odela konke—impilo, umndeni, ubungane—ngenxa nje yempumelelo yokuzikhohlisa.

  • OKUSHIWO YIBHAYIBHELI:

    “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”Mathewu 5:3.

    ELIKUCHAZAYO. Ukufunda iBhayibheli nokusebenzisa elikushoyo kuyizithako ezidingekayo empumelelweni yangempela. Eqinisweni, izigidi zoFakazi BakaJehova ziye zathola ukuthi ukubeka kuqala izinto ezingokomoya ekuphileni kwazo, kuye kwanciphisa ukukhathazeka kwazo ngengcebo.Mathewu 6:31-33.

    ONGAKWENZA. Funda ngendlela iBhayibheli elingakusiza ngayo ekutholeni impumelelo yangempela. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, xhumana noFakazi BakaJehova basendaweni noma uvakashele iNgosi yethu ethi, www.pr418.com/ZU.