Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INGABE IBHAYIBHELI LISASEBENZA NAMUHLA?

Izimiso Ezenzelwe Thina Nezingaphelelwa Isikhathi—Ukwethembeka

Izimiso Ezenzelwe Thina Nezingaphelelwa Isikhathi—Ukwethembeka

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa.”Hebheru 13:4.

IZINZUZO: Abanye abantu bacabanga ukuthi la mazwi asephelelwe isikhathi. Kodwa bashaye phansi kwashunqa uthuli! Ukungathembeki kusabangela ubuhlungu ngendlela okwakububangela ngayo ngesikhathi kulotshwa iBhayibheli.IzAga 6:34, 35.

UJessie, ongumyeni futhi onezingane, wabhala: “Ukwethembeka emshadweni kube nendima enkulu ekubeni nobuhlobo obuqinile nomkami nasenjabulweni yethu. Ukwethembana kubaluleke ngempela emshadweni. Ukungathembeki kuyakulimaza lokho kwethembana”—ingasaphathwa eyemiphumela okuba nayo ezinganeni!

ULigaya * wabeka umshado wakhe engcupheni. Uthi: “Ngaqala ukuzihlanganisa nabantu ababi. Lokhu kwaholela ekutheni ngiye emicimbini yasebusuku exokozelayo futhi ngingathembeki kumyeni wami.” Ingabe le ndlela yokuphila yayimjabulisa? Wayexabana njalo nomyeni wakhe futhi wayengajabule neze. Uyanezela: “Lapho ngicabanga ngenkinga engangizifake kuyo, ngabona indlela ayiqiniso ngayo amazwi abazali bami ababevame ukuwasho, athi: ‘Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.’ ”1 Korinte 15:33.

ULigaya uyaqhubeka: “Izinto zingakabi zimbi kakhulu, nganquma ukuyiyeka indlela engangiphila ngayo, ngatadisha iBhayibheli futhi ngakusebenzisa elikufundisayo.” Yaba yini imiphumela? Umshado wakhe awubange usachitheka futhi umyeni wakhe waqala ukumphatha ngomusa nangenhlonipho. Uthi, “IBhayibheli lakushintsha ukuphila kwami futhi angizisoli ngokushiya izindlela zami ezimbi nabangane-mbumbulu.”

^ isig. 6 Amanye amagama ashintshiwe.