Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imigomo injengepulani, ngesineke nokuzimisela ungakwakha lokho okudwebile

INTSHA

12: Ukuzibekela Imigomo

12: Ukuzibekela Imigomo

KUSHO UKUTHINI?

Ukuba nemigomo kuhlukile kunokuphupha ngento ofisa yenzeke. Ukuzibekela imigomo kudinga ukuhlela, ukuzivumelanisa nezimo nokusebenza kanzima.

Imigomo iyehluka, kunemigomo yesikhashana neyesikhathi eside. Imigomo yesikhathi eside ingafinyelelwa ngokuzibekela imigomo emincane.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Ukufinyelela imigomo kungakusiza uzethembe, uqinise ubungane bakho nabanye, futhi uhlale ujabule.

Ukuzethemba: Ukuzibekela imigomo emincane futhi uyifinyelele, kuyakusiza uzethembe ukuthi nemigomo emikhulu ungayifinyelela. Ufunda nokuzethemba lapho ubhekene nezinkinga zansuku zonke, njengokucindezela kontanga.

Ubungane: Abantu bayakujabulela ukuba nabantu abazibekela imigomo futhi abenza konke okusemandleni ukuze bayifinyelele. Enye indlela enhle kakhulu yokuqinisa ubungane, ukusebenza ndawonye ukuze nifinyelele umgomo ofanayo.

Injabulo: Lapho ufinyelela imigomo yakho, uzizwa wanelisekile.

“Ngiyathanda ukuzibekela imigomo. Kungisiza ngihlale nginento engiyenzayo nento engifuna ukuyifinyelela. Uma ufinyelele umgomo othile uzizwa ujabule futhi uma ubuka emuva uthi, ‘Ngisebenzile! Ngiwufezile umgomo ebengizibekele wona.’”—UChristopher.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Obheka umoya ngeke ahlwanyele mbewu; nalowo obheka amafu ngeke avune.”—UmShumayeli 11:4.

ONGAKWENZA

Sebenzisa lokhu okulandelayo ukuze uzibekele imigomo futhi ukwazi ukuyifinyelela.

Khetha imigomo ofisa ukuyifinyelela. Bhala imigomo ofuna ukuyifinyelela bese uyihlela ngokulandelana kwayo.

Hlela. Emgomweni ngamunye ozibekele wona, yenza lokhu okulandelayo:

  • Zibekele isikhathi esikahle sokuwufinyelela.

  • Bhala ozokwenza ukuze uwufinyelele.

  • Cabanga ngezinto ezingase zikuphazamise nokuthi uzozinqoba kanjani.

Thatha isinyathelo. Ungalindi uze uthole zonke izinto ozidingayo ngaphambi kokuqala. Zibuze, ‘Iyiphi into yokuqala okufanele ngiyenze ukuze ngifinyelele umgomo wami?’ Yenze. Njengoba uzama ukufinyelela umgomo wakho, yima kancane uhlole intuthuko yakho.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Amacebo okhuthele ayamzuzisa.”—IzAga 21:5.