Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

THOLA IMPUMUZO EKUCINDEZELEKENI

Ingabe Ucindezelekile?

Ingabe Ucindezelekile?

“Wonke umuntu ucindezelekile ngokwezinga elithile, kodwa mina ngicindezeleke kakhulu. Ukucindezeleka kwami akuveli nje enkingeni eyodwa enkulu, kodwa kuvela ezimweni eziningi, ukushikashikeka neminyaka eminingi yokunakekela umyeni wami ogula emzimbeni nasengqondweni.”—UJill. a

“Umkami wangishiya, kwadingeka ngikhulise izingane zami ezimbili ngingedwa. Kwakunzima ukuba umzali oyedwa. Ngaphezu kwalokho, ngalahlekelwa umsebenzi futhi ngangingenayo imali eyanele yokulungisa imoto yami. Ngangingazi ukuthi kufanele ngenzenjani. Ngangicindezeleke kakhulu. Ngangazi ukuthi akulungile ukuzibulala, ngakho ngancenga uNkulunkulu ukuba aqede usizi lwami.”—UBarry.

NjengoJill noBarry, kuyenzeka yini nawe ngezinye izikhathi uzizwe ucindezeleke kakhulu? Uma kunjalo, kwangathi izihloko ezilandelayo zingakududuza futhi zikusize. Zikhuluma ngezinto ezivamile ezibangela ukucindezeleka, indlela okusithinta ngayo nendlela esingathola ngayo impumuzo ethile ekucindezelekeni.

a Amagama ashintshiwe.