Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

THOLA IMPUMUZO EKUCINDEZELEKENI

Yini Ebangela Ukucindezeleka?

Yini Ebangela Ukucindezeleka?

I-Mayo Clinic eyaziwayo iyabika, “Liya likhula izinga lokucindezeleka kubantu abadala abaningi. Ukuphila kwanamuhla kugcwele ushintsho nezinto ezisikhathazayo.” Cabanga ngolunye ushintsho nezinto ezisikhathazayo ezingabangela ukucindezeleka:

  • ukudivosa

  • ukufa komuntu omthandayo

  • ukugula kakhulu

  • izingozi ezihlasimulisayo

  • ubugebengu

  • ukuphila okumatasa

  • izinhlekelele zemvelo noma ezibangelwa abantu

  • izingcindezi zasesikoleni noma emsebenzini

  • ukukhathazeka ngomsebenzi nokuba nemali eyanele