Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

5 Ingabe Ukuhlupheka Kuyoke Kuphele?

5 Ingabe Ukuhlupheka Kuyoke Kuphele?

Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu

Uma kunesizathu sokukholelwa ukuthi ukuhlupheka kuzophela, ithemba elinjalo lingayithuthukisa indlela esibheka ngayo ukuphila ngisho nendlela esimbheka ngayo uNkulunkulu.

Lokho Ongacabanga Ngakho

Abantu abaningi bangathanda ukuqeda ukuhlupheka, kodwa abanawo amandla anele okukwenza lokho. Phawula okulandelayo:

Naphezu kwentuthuko eyenziwe kwezokwelapha . . .

  • Isifo senhliziyo sisabulala abantu abaningi kunezinye izinto.

  • Umdlavuza ubulala izigidi unyaka ngamunye.

  • UDkt. David Bloom wabhala lokhu kumagazini i-Frontiers in Immunology: “Umhlaba ulokhu uhlushwa yizifo esekunesikhathi eside zikhona, yilezo ezintsha nezihamba ziphinde zibuye.”

Naphezu kokuchuma ngokwezimali kwamanye amazwe . . .

  • Unyaka ngamunye kufa izigidi zezingane, futhi labo abahlala ezindaweni ezimpofu yibo abathinteka kakhulu.

  • Izigidigidi zabantu azinayo indlela yokukhuculula indle.

  • Amakhulu ezigidi awanayo indlela yokuthola amanzi ahlanzekile.

Naphezu kokwanda kokufundiswa ngamalungelo abantu . . .

  • Umbiko owakhishwa yi-United Nations uthi: “Ukudayiswa kwabantu kuyaqhubeka ezindaweni eziningi, kanti amazwe angabathatheli izinyathelo laba abenza lobu bugebengu abonisa ukuthi “awazi ngale nkinga noma awanazo izindlela zokulwa nayo.”

    FUNDA OKWENGEZIWE

    Bukela ividiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu? ku-jw.org/zu.

Lokho Okushiwo IBhayibheli

UNkulunkulu uyasikhathalela.

Akayena ongenakuzwelana nobuhlungu nosizi lwethu.

“[UNkulunkulu] akazange akudelele noma akwenyanye ukuhlupheka kohluphekile; akazange abufihle ubuso bakhe kuye, futhi wezwa lapho ekhalela usizo kuye.”​IHUBO 22:24.

‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’​1 PETRU 5:7.

Ukuhlupheka ngeke kuhlale kukhona.

IBhayibheli lithembisa ukuthi injongo kaNkulunkulu ngathi isazogcwaliseka.

“UNkulunkulu . . . uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”​ISAMBULO 21:3, 4.

UNkulunkulu uzoqeda zonke izimbangela zokuhlupheka kwabantu.

Uzokwenza lokhu esebenzisa uMbuso wakhe, iBhayibheli eliwuchaza ngokuthi uhulumeni wangempela.

“UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. . . . wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”​DANIYELI 2:44.