Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhlakanipha Okukwenza Ujabule Ekuphileni

Ukuhlakanipha Okukwenza Ujabule Ekuphileni

URani * uthi: “Nakuba ngidabuka lapho ngibona ububi obugcwele emhlabeni—izimpi, indlala, izifo kanye nokuhlukunyezwa kwezingane—senginethemba.”

URani wathola injabulo yangempela lapho efunda ngoMdali wethu, uNkulunkulu uMninimandla onke, onguMthombo wokuhlakanipha kwangempela. Njengoba ufunda lezi zihloko ezilandelayo, bona indlela izimfundiso zakhe ezingakusiza ngayo ukuze . . .

  • ube nomndeni ojabulayo

  • uphile ngokuthula nabanye

  • ujabule futhi waneliseke

  • uqonde ukuthi kungani sihlupheka futhi sifa

  • ube nethemba lokuba nekusasa elijabulisayo

  • wazi uMdali wethu futhi ube umngane wakhe

Uzobona nokuthi ukuhlakanipha koMdali wethu akunikwa abambalwa kuphela kodwa kunikwa wonke umuntu okufunayo.

^ par. 2 Amanye amagama akulo magazini ashintshiwe.