Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Kubangane?

Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Kubangane?

Abantu ababili sebengakwazi ukuxoxa kalula ngosizo lokuthumelelana umyalezo, ama-email, ukuhlangana ngevidiyo nangezinkundla zokuxhumana, ngisho noma ngabe bahlala emazweni aqhelelene kakhulu. Kubona, ezobuchwepheshe ziyithuluzi eliwusizo kakhulu.

Noma kunjalo, abanye abantu abasebenzisa kakhulu ezobuchwepheshe ukuze bakhulume nabangane babo, bangaba nezinkinga ezinjengalezi ezilandelalayo:

  • Bangase bangazwelani kangako nabangane babo.

  • Bangase bazizwe benesizungu futhi bengenayo injongo ekuphileni.

  • Bangase bazicabangele bona kakhulu kunokucabangela abanye.

OKUFANELE UKWAZI

UZWELA

Ukuba nozwela kudinga wehlise ijubane futhi ube nesineke lapho ucabangela omunye umuntu. Ngezinye izikhathi lokhu kungase kube nzima ngenxa yenqwaba yezithombe ezifakwa abantu ezinkundleni zokuxhumana kanye nemiyalezo engena ilandelana.

Ngokuhamba kwesikhathi, uma usunemiyalezo eminingi kakhulu, kungase kube umthwalo ukuphendula umyalezo ovela kumngane wakho. Ugcina usuphendula ngokushesha yonke imiyalezo, ungasawuqapheli nomyalezo womngane wakho odinga usizo ngempela.

ONGACABANGA NGAKHO: Ungabonisa kanjani ukuthi ‘uyazwelana’ nabangane bakho lapho uxoxa nabo usebenzisa ezobuchwepheshe?​—1 PETRU 3:8.

UKUZIZWA UNESIZUNGU

Abacwaningi baye bathola ukuthi abantu abaningi bazizwa becindezelekile ngemva kokuchitha isikhathi eside bebuka izinto ezisezinkundleni zokuxhumana ezidumile. Abacwaningi baphethe ngokuthi ukubuka izithombe nalokho okusanda kufakwa abantu kungashiya umuntu “ezizwa sengathi uchithe isikhathi sakhe.”

Okubi nakakhulu, ukubuka izithombe ezijabulisayo abantu abazifake ezinkundleni zabo zokuxhumana kungakwenza uziqhathanise ngokungafanele nabo. Ngaphezu kwalokho, izinkundla zokuxhumana zingenza kubonakale sengathi wonke umuntu uyajabula bese ubona sengathi akukho okujabulisayo ekuphileni kwakho.

ONGACABANGA NGAKHO: Uma usebenzisa izinkundla zokuxhumana, ungakugwema kanjani ukuziqhathanisa ngokungafanele nabanye?​—GALATHIYA 6:4.

UKUGXILA KUWE

Omunye uthisha wabhala ukuthi abanye babafundi abafundisayo babebonakala bezicabangela bona futhi befuna kuphela abangane abazobenzela izinto ezithile. * Umuntu angase abheke abangane bakhe njengefoni ayisebenzisa uma ethanda futhi ayivale uma engathandi.

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe izinto ozifaka ezinkundleni zokuxhumana zibonisa ukuthi unomoya wokuncintisana noma wokuchoma?​—GALATHIYA 5:26.

ONGAKWENZA

HLOLA INDLELA OSEBENZISA NGAYO EZOBUCHWEPHESHE

Uma ezobuchwepheshe zingakubusi, zingakusiza uxhumane nabangane bakho, uze usondelane nabo.

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo.”​—1 KORINTE 13:4, 5.

Khetha kulokhu okungezansi ongase uthande ukukuzama noma ubhale phansi okunye okucabangayo.

  • Zama ukuxoxa ubuso nobuso nabantu (kunokumane ubathumele umyalezo ngocingo noma nge-email)

  • Yibeke kude ifoni (noma uyivale) lapho uxoxa nabanye

  • Nciphisa isikhathi osichitha ubuka izithombe noma ufunda izinto ezifakwe abanye kwezokuxhumana

  • Balalelisise abanye

  • Xoxa nomngane onezinkinga

^ par. 17 Umbiko osencwadini ethi Reclaiming Conversation.