Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Engqondweni Yakho?

Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Engqondweni Yakho?

Abantu kudingeka bahlale befunda​—kungaba izinto zesikole, ezomsebenzi noma ezinye izinto. Ezobuchwepheshe zingabasiza. Emlandweni, akukaze kube lula kangaka ukuthola ulwazi. Ungaluthola uhlezi endlini, kungadingeki nokuba usukume.

Nokho, abazisebenzisa kakhulu ezibochwepheshe baba nalezi zinkinga ezilandelayo:

  • Kuba nzima ukugxilisa ingqondo lapho befunda.

  • Kuba nzima ukuba bagxile entweni eyodwa ngesikhathi.

  • Bayashesha ukuba nesizungu lapho bebodwa.

OKUFANELE UKWAZI

LAPHO UFUNDA

Abanye badlulisa amehlo kulokho okufundwayo ukuze bathole umqondo wendaba kunokuba bayifunde yonke.

Ukudlulisa amehlo kuyasiza ngezinye izikhathi lapho ufuna impendulo ngokushesha. Kodwa lena akuyona indlela ekahle yokufunda uma ufuna ukukuqonda kahle lokho okufundayo.

ONGACABANGA NGAKHO: Uyakwazi yini ukugxilisa ingqondo lapho ufunda indaba ende? Ukugxilisa ingqondo kungakusiza kanjani ukuba ukuzwe kahle lokho okufundayo?​—IZAGA 18:15.

UKUGXILISA INGQONDO

Abanye abantu bacabanga ukuthi ezobuchwepheshe zingabenza bakwazi ukwenza izinto ezimbili ngesikhathi esisodwa​—ngokwesibonelo, bangabhalela umngane umyalezo kuyilapho betadisha. Lapho benza kanjalo, akukho kulokho okubili abazokwazi ukukwenza kahle, ikakhulukazi uma kokubili kudinga bagxilise ingqondo.

Ukugxilisa ingqondo kudinga ukuba uzithibe. Kodwa kuwufanele umzamo. Osemusha okuthiwa uGrace uthi: “Aba mancane amaphutha owenzayo futhi awucindezeleki kangako. Ngiye ngafunda ukuthi kungcono ukugxila entweni eyodwa ngesikhathi nokugwema ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa.”

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa kwenza kube nzima ukuba uqonde futhi ukhumbule lokho okufundile?​—IZAGA 17:24.

UKUBA WEDWA

Abanye abantu abakuthandi ukuba bodwa, ngakho basebenzisa ezobuchwepheshe ukuze baqede isizungu. Owesifazane okuthiwa u-Olivia uyavuma: “Ngiba nesizungu uma kuphela imizuzu engu-15 ngingayibhekanga ifoni yami, ithebhulethi noma ngingayibukelanga i-TV.”

Noma kunjalo, isikhathi sokuba wedwa sikunikeza ithuba elihle kakhulu lokucabangisisa​—okuyingxenye ebalulekile yokufunda, hhayi kwabancane kuphela kodwa nakubantu abadala.

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe usisebenzisa ngokunenzuzo isikhathi sokuba wedwa?​—1 THIMOTHEWU 4:15.

ONGAKWENZA

HLOLA INDLELA OSEBENZISA NGAYO EZOBUCHWEPHESHE

Yiziphi izindlela ezobuchwepheshe ezingakusiza ngazo ukuba uthuthukise ikhono lakho lokucabanga? Ezobuchwepheshe zingaliphazamisa kanjani ikhono lakho lokufunda nokugxilisa ingqondo?

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Londa ukuhlakanipha nekhono lokucabanga.”​—IZAGA 3:21.