Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 4

Ukulahlekelwa Ikhaya Labo

Ukulahlekelwa Ikhaya Labo

BHEKA ukuthi kwenzekani manje. U-Adamu no-Eva bayaxoshwa ensimini enhle yase-Edene. Uyazi ukuthi kungani?

Kungenxa yokuthi benze into embi kakhulu. Ngakho-ke uJehova uyabajezisa. Uyayazi into embi eyenziwa u-Adamu no-Eva?

Benza into uNkulunkulu abatshela ukuba bangayenzi. UNkulunkulu wabatshela ukuthi babengadla ukudla kwayo yonke imithi yensimu. Kodwa uNkulunkulu wathi bangadli emthini owodwa, uma bedla babezokufa. Lowo muthi wawunjengowakhe siqu. Siyazi ukuthi akukuhle ukuthatha into yomunye umuntu, akunjalo? Yini eyenzeka?

Ngolunye usuku u-Eva eyedwa ensimini, inyoka yakhuluma naye. Cabanga nje ngalokho! Yatshela u-Eva ukuba adle isithelo emthini uNkulunkulu ayethe bangadli kuwo. Uma uNkulunkulu edala izinyoka akazidalelanga ukuba zikwazi ukukhuluma. Ngakho-ke lokhu kusho ukuthi ukhona umuntu owayenza inyoka ukuba ikhulume. Wayengubani?

Kwakungeyena u-Adamu. Ngakho-ke kwakufanele kube omunye wabantu uNkulunkulu ayebenze kudala engakawenzi umhlaba. Labo bantu yizingelosi, futhi asinakubabona. Le ngelosi eyodwa yayizazisa kakhulu. Yaqala ukucabanga ukuthi kufanele ibe umbusi njengoNkulunkulu. Yafuna ukuba abantu balalele yona kunokulalela uJehova. Iyona le ngelosi eyenza inyoka ikhulume.

Le ngelosi yakwazi ukukhohlisa u-Eva. Uma imtshela ukuthi wayezoba njengoNkulunkulu uma edla isithelo, wakukholwa lokho. Ngakho-ke wadla, no-Adamu futhi. U-Adamu no-Eva abamlalelanga uNkulunkulu, kungalokho balahlekelwa ikhaya labo eliyinsimu enhle.

Kodwa ngelinye ilanga uNkulunkulu uyokwenza ukuba umhlaba ube muhle njengensimu yase-Edene. Sizobuye sifunde ukuthi ungahlanganyela kanjani ekuwenzeni kanjalo. Ake sithole ukuthi kwenzekani ku-Adamu no-Eva.