Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 6

Indodana Enhle, Nembi

Indodana Enhle, Nembi

BHEKA uKhayini no-Abela. Sebekhulile. UKhayini ungumlimi. Utshalé izinhlamvu, izithelo nemfino.

U-Abela ungumelusi wezimvu. Uthanda ukunakekela amawundlu amancane. Akhula abe yizimvu ezinkulu, ngakho-ke ngokushesha u-Abela uba nomhlambi wezimvu wokuwunakekela.

Ngelinye ilanga uKhayini no-Abela baletha isipho kuNkulunkulu. UKhayini uletha ukudla akulimile. U-Abela uletha imvu engcono kakhulu anayo. UJehova uyamjabulela u-Abela nesipho sakhe. Kodwa akamjabuleli uKhayini nesipho sakhe. Uyazi ukuthi kungani?

Akukhona nje kuphela ukuthi isipho sika-Abela singcono kunesikaKhayini. Kungenxa yokuthi u-Abela uyindoda enhle. Uyamthanda uJehova nomfowabo. Kodwa uKhayini mubi; akamthandi umfowabo.

Ngakho uJehova utshela uKhayini ukuthi kufanele ashintshe izindlela zakhe. UKhayini akalaleli. Uthukuthele kabi ngoba uJehova uthanda u-Abela kunaye. Ngakho uKhayini uthi ku-Abela, ‘Masiye endle.’ Lapho, uma sebebodwa, uKhayini ushaya u-Abela. Umshaya kakhulu ambulale. Ingabe kwakungeyona into embi leyo eyenziwa uKhayini?

Nakuba u-Abela afa, uNkulunkulu usamkhumbula. U-Abela wayelungile, uJehova akamkhohlwa umuntu onjalo. Ngakho-ke ngelinye ilanga uJehova uyombuyisela ekuphileni u-Abela. Ngaleso sikhathi u-Abela akasenakufa futhi. Uyokwazi ukuphila phakade emhlabeni. Ngeke yini kube kuhle ukwazi abantu abanjengo-Abela.

UNkulunkulu akajabuli ngabantu abanjengoKhayini. Ngemva kokuba uKhayini ebulele umfowabo, uJehova wamjezisa ngokumdingisela kude nomkhaya wakubo. Lapho uKhayini ehamba eyohlala kwenye ingxenye yomhlaba, wathatha omunye wodadewabo, waba umkakhe.

Ngokuhamba kwesikhathi uKhayini nomkakhe baba nabantwana. Amanye amadodana namadodakazi ka-Adamu no-Eva ashada, nawo futhi aba nabantwana. Ngokushesha kwaba nabantu abaningi emhlabeni. Ake sifunde ngabanye babo.