Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 10

UZamcolo Omkhulu

UZamcolo Omkhulu

NGAPHANDLE komkhumbi, abantu babephila ngendlela efanayo. Babengakholwa ukuthi uZamcolo wawuzofika. Kungenzeka babehleka usulu. Kodwa ngokushesha bayeka ukuhleka.

Ngokushesha kwehla amanzi. Ehla phezulu ngendlela efanayo neyokuba uchitha amanzi ebhakedeni. UNowa wayeqinisile! Kodwa kwase kuphuze kakhulu nganoma ubani ukuba angene emkhunjini. UJehova wayewuvale wawuqinisa umnyango.

Ngokushesha inhlabathi yambozeka. Amanzi afana nemifula. Awisa imithi agingqa amatshe amakhulu, enza umsindo omkhulu. Abantu besaba. Bagibela ezintabeni. Yeka indlela abafisa ngayo ukuthi sengathi ngabe babelalele uNowa bangena emkhunjini lapho umnyango usabavulekele! Kodwa manje kwase kuphuze kakhulu.

Amanzi aqhubeka ekhuphuka. Amanzi athululeka phezulu izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40. Akhuphuka ngapha nangapha kwezintaba, ngokushesha ngisho nezintaba eziphakeme kakhulu zambozeka. Njengoba uNkulunkulu ayeshilo, bonke abantu nezilwane ababengaphandle komkhumbi bafa. Kodwa ababengaphakathi babelondekile.

UNowa namadodana akhe babenze umsebenzi omuhle bakha umkhumbi. Amanzi awukhuphula, wantanta phezulu emanzini. Ngolunye usuku, ngemva kokunqamuka kwemvula, ilanga laqala ukukhanya. Yeka indlela okwakuyiyo! Kwakukhona ulwandle olukhulu yonke indawo. Okuwukuphela kwento eyayibonakala kwakuwumkhumbi untanta phezulu.

Leya midondoshiya yayingasekho manje. Yayingasenakubuye ibe khona ukuba ilimaze abantu. Yonke yayifile, kanye nonina nabo bonke abantu ababi. Kodwa kwenzekani koyise?

Oyise balezi ziqhwaga babengebona abantu ngempela njengathi. Babeyizingelosi ezazehlele ukuzophila njengabantu emhlabeni. Ngakho-ke lapho kufika uZamcolo, abazange bafe nabanye abantu. Bayeka ukusebenzisa imizimba yabantu ababeyakhile, baphindela emuva ezulwini njengezingelosi. Kodwa ababange besavunyelwa ukuba yingxenye yomkhaya kaNkulunkulu wezingelosi. Ngakho baba yizingelosi zikaSathane. EBhayibhelini kuthiwa bangamademoni.

UNkulunkulu wenza kuvunguzele umoya, amanzi kazamcolo aqala ukwehla. Ngemva kwezinyanga ezingu-5 umkhumbi wahlala entabeni. Kwadlula izinsuku eziningi, labo abangaphakathi babekwazi ukubheka phandle babone iziqongo zezintaba. Amanzi aqhubeka ehla.

UNowa wakhipha inyoni emnyama ebizwa ngokuthi igwababa. Yayindiza ihambe isikhashana ibuye ibuye, ngoba yayingenakuyithola indawo enhle yokuhlala. Yayiqhubeka yenza lokhu ibuye ibuye, iphumula phezu komkhumbi.

UNowa wayefuna ukubona ukuthi amanzi ayesephelile yini emhlabeni, ngakho-ke wabe esekhipha ijuba. Kodwa nejuba labuya futhi ngoba aliyitholanga indawo yokuhlala. UNowa walithuma futhi okwesibili, labuya liphethe iqabunga lomnqumo emlonyeni walo. Ngakho-ke uNowa wazi ukuthi amanzi ayesehlile. UNowa wathuma ijuba okwesithathu, ekugcineni lathola indawo eyomile yokuhlala.

Manje uNkulunkulu wakhuluma noNowa. Wathi: ‘Phuma emkhunjini. Thatha wonke umkhaya wakho nezilwane.’ Base besemkhunjini isikhathi esingaphezu konyaka. Ungake ucabange nje ukuthi babejabula kanjani ngokuba ngaphandle futhi bephila!