INdaba 13
U-Abrahama—Umhlobo KaJehova
ENYE yezindawo abantu abahlala kuyo ngemva kukaZamcolo kwakuyi-Uri. Yaba umuzi obalulekile onamakhaya amahle. Abantu bakhona babekhonza izithombe. Kwakunjalo naseBhabhele. Abantu base-Uri nabaseBhabhele babengafani noNowa nendodana yakhe uShemi, ababekhonza uJehova.
Ekugcineni, eminyakeni engu-350 ngemva kukazamcolo, uNowa othembekile wafa. Eminyakeni emibili kamuva indoda oyibona kulesi sithombe yazalwa. Yayingumuntu okhethekile kuJehova. Igama layo u-Abrahama. Wayehlala nomkhaya wakhe emzini wase-Uri.
Ngelinye ilanga uJehova wathi ku-Abrahama: ‘Phuma e-Uri nasezihlotsheni zakho uye ezweni engiyokukhombisa lona.’ Ingabe u-Abrahama wamlalela uJehova washiya konke ukunethezeka kwase-Uri? Yebo. Futhi kwakungenxa yokumlalela kwakhe njalo uJehova okwenza aziwe njengomhlobo kaNkulunkulu.
Abanye bomkhaya wakhe bahamba naye uma eshiya i-Uri. Uyise uThera nomshana wakhe uLoti. Umka-Abrahama uSara naye wahamba. Ngemva kwesikhathi bonke bafika endaweni eyayibizwa ngokuthi iHarana, lapho uThera afela khona. Babekude kakhulu ne-Uri.
Ngemva kwesikhathi u-Abrahama nomkhaya wakhe basuka eHarana baya ezweni elibizwa ngokuthi iKhanani. Lapho uJehova wathi: ‘Leli yizwe engiyolinika inzalo yakho.’ U-Abrahama wahlala eKhanani ematendeni.
UNkulunkulu wamsiza u-Abrahama waba nemihlambi emikhulu yezimvu nenye imfuyo nezisebenzi eziningi. Kepha yena noSara babengenabo abantwana abangababo.
Lapho u-Abrahama eneminyaka engama-99, uJehova wathi: ‘Ngikuthembisa ukuthi uyoba uyise wezizwe eziningi.’ Kodwa kwakungenzeka kanjani, ngoba u-Abrahama noSara base bebadala kakhulu ukuba babe nomntwana?