Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 14

UJehova Uvivinya U-Abrahama

UJehova Uvivinya U-Abrahama

UYABONA ukuthi u-Abrahama wenzani? Unommese, kubonakala sengathi uzobulala indodana yakhe. Wayengakwenzelani nje lokho? Okokuqala, ake sibone ukuthi yena noSara bayithola kanjani le ndodana.

Khumbula, uJehova wabathembisa indodana. Kodwa kwabonakala kungenakwenzeka, ngoba base bebadala kakhulu. U-Abrahama nokho, wakholwa ukuthi uJehova wayengakwenza okubonakala kungenakwenzeka. Ngakho kwenzekani?

Ngemva kwesithembiso sikaJehova, kwadlula unyaka wonke. Lapho u-Abrahama eneminyaka eyi-100 noSara enengama-90, baba nengane yomfana egama layo laba ngu-Isaka. UJehova wasifeza isithembiso!

Lapho u-Isaka esekhulile, uJehova wavivinya ukholo luka-Abrahama. Wamemeza: ‘Abrahama!’ U-Abrahama waphendula: ‘Ngilapha!’ UJehova wathi: ‘Thatha okuwukuphela kwendodana yakho, u-Isaka, uye entabeni engiyokukhombisa yona. Uyibulale uyinikele njengomhlatshelo.’

Lawo mazwi amdabukisa kakhulu u-Abrahama, ngoba wayeyithanda kakhulu indodana yakhe. Futhi, khumbula, uNkulunkulu wayethembise ukuthi inzalo ka-Abrahama yayiyohlala ezweni laseKhanani. Kodwa lokho kwakuyokwenzeka kanjani uma u-Isaka esefile? U-Abrahama wadideka, kodwa nokho walalela uJehova.

Uma efika entabeni, u-Abrahama wabopha u-Isaka wambeka e-altare ayelenzile. Wayesekhipha ummese ukuze abulale indodana yakhe. Ngaleso sikhathi nje ingelosi kaJehova yamemeza: ‘Abrahama, Abrahama!’ U-Abrahama waphendula: ‘Ngilapha!’

‘Ungamlimazi umfana, ungenzi lutho kuye,’ kusho uJehova. ‘Ngiyazi manje ukuthi uyangesaba, lokhu ungayigodlanga kimi indodana yakho.’

U-Abrahama wayenokholo kuNkulunkulu. Wayekholwa ukuthi akukho lutho olwalungenzeke kuJehova, nokuthi wayengamvusa u-Isaka kwabafileyo. Kodwa kwakungeyona intando kaNkulunkulu ukuba u-Abrahama abulale u-Isaka. Ngakho wabangela ukuba imvu ibambeke esihlahleni esiseduze, wayesetshela u-Abrahama ukuba anikele ngayo esikhundleni sendodana yakhe.