Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 17

Amawele Ayengafani

Amawele Ayengafani

LABA bafana ababili lapha abafani neze, akunjalo? Uyawazi amagama abo? Umzingeli u-Esawu, umfana onakekela izimvu kwakuwuJakobe.

U-Esawu noJakobe babengamadodana angamawele ka-Isaka noRebheka. Uyise u-Isaka, wayethanda u-Esawu kakhulu, ngoba wayengumzingeli futhi eletha ukudla kokudliwa ekhaya. Kodwa uRebheka wayethanda kakhulu uJakobe ngoba wayengumfana othulile, ozothile.

Uyisemkhulu u-Abrahama wayesaphila, futhi singazicabangela nje ukuthi uJakobe wayethanda kanjani ukumlalela ekhuluma ngoJehova. Ekugcineni u-Abrahama wafa eneminyaka eyi-175 ubudala, lapho amawele eneminyaka eyi-15 ubudala.

Lapho u-Esawu eneminyaka engu-40 washada nabesifazane ababili bezwe laseKhanani. Lokhu kwabadumaza kakhulu u-Isaka noRebheka, ngoba laba besifazane babengamkhonzi uJehova.

Khona-ke ngolunye usuku kwenzeka okuthile okwenza u-Esawu amthukuthelele kakhulu umfowabo uJakobe. Kwafika isikhathi sokuba u-Isaka abusise indodana yakhe endala. Njengoba u-Esawu wayemdala kunoJakobe, walindela ukuthola lesi sibusiso. Kodwa u-Esawu ngaphambili wayelithengisele uJakobe ilungelo lokuthola isibusiso. Futhi, lapho laba bafana bezalwa uJehova wayethe uJakobe wayeyothola isibusiso. Kwenzeka kanjalo. U-Isaka wabusisa uJakobe.

Kamuva, uma u-Esawu ezwa ngalokhu wamthukuthelela uJakobe. Wayethukuthele kangangokuthi wathi wayezombulala. Uma uRebheka ezwa ngalokhu, wakhathazeka kakhulu. Ngakho-ke watshela indoda yakhe u-Isaka: ‘Kuyoba kubi kakhulu uma noJakobe eshada nomunye wabesifazane baseKhanani.’

Ngalokho u-Isaka wabiza indodana yakhe uJakobe wathi kuye: ‘Ungashadi nowesifazane waseKhanani. Hamba uye endlini kayihlomkhulu uBhetuweli eHarana. Shada nenye yamadodakazi endodana yakhe uLabani.’

UJakobe walalela uyise, khona manjalo waqalisa uhambo olude lokuya lapho kwakuhlala khona izihlobo zakhe eHarana.