Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 20

UDina Ungena Enkingeni

UDina Ungena Enkingeni

UYABONA ukuthi uDina uvakashela obani? Uyobona amanye amantombazane ahlala eKhanani. Kwakuyomjabulisa yini lokhu uyise uJakobe? Ekukusizeni ukuba uphendule lo mbuzo, zama ukukhumbula ukuthi u-Abrahama no-Isaka babecabangani ngabesifazane baseKhanani.

Ingabe u-Abrahama wayefuna ukuba indodana yakhe u-Isaka ishade nentombi yaseKhanani? Cha. Ingabe u-Isaka noRebheka babefuna ukuba indodana yabo uJakobe ishade nentombi yaseKhanani? Cha. Uyazi ukuthi kungani?

Kwakungenxa yokuthi laba bantu baseKhanani babekhonza onkulunkulu bamanga. Babengebona abantu abahle ukuba kushadwe nabo, futhi babengebona abantu abahle bokuba ngabangane. Ngakho singaqiniseka ukuthi uJakobe wayengenakujabula ngokuthi indodakazi yakhe yayenza amantombazane aseKhanani abangane bayo.

Ngalokho uDina wangena enkathazweni. Uyayibona leya ndoda yaseKhanani esithombeni ebuka uDina? Igama layo uShekemi. Ngelinye ilanga uDina evakashile, uShekemi wamthatha uDina walala naye ngenkani. Lokhu kwakungalungile, ngoba abesilisa nabesifazane abashadile kuphela abangalala ndawonye. Le nto embi eyenziwa uShekemi kuDina yaholela enkathazweni eyengeziwe.

Uma abafowabo bakaDina bezwa ngalokho okwenzekile, bathukuthela kakhulu. Ababili babo, uSimeyoni noLevi, bathukuthela baze bathatha izinkemba baya emzini bawafikela engazelele amadoda akhona. Bona nabafowabo babulala uShekemi nawo wonke amadoda. UJakobe wathukuthela ngalesi senzo esibi samadodana akhe.

Yonke le nkathazo yaqala kanjani? Kwakungenxa yokuthi uDina wazijwayeza nabantu ababengayilaleli imithetho kaJehova. Ngeke sithande ukuzijwayeza nabantu abanjalo, akunjalo?