Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 21

UJosefa Uzondwa Abafowabo

UJosefa Uzondwa Abafowabo

BHEKA indlela lo mfana adabuke nangenathemba ngayo. UJosefa lona. Abafowabo bamthengise kula madoda asendleleni eya eGibhithe. Lapho uJosefa uyoba isigqila. Kungani abafowabo beye benza le nto embi? Kungoba banomona ngoJosefa.

Uyise uJakobe wayemthanda kakhulu uJosefa. Walubonisa lolu thando ngokumthungela ijazi elihle elide. Uma abafowabo abadala abayi-10 bebona indlela uJakobe ayethanda ngayo uJosefa, baba nomona bamzonda uJosefa. Kodwa kunesinye isizathu esabangela bamzonde.

UJosefa waba namaphupho amabili. Kuwo womabili abafowabo babemkhothamela. Uma ebaxoxela ngala maphupho, inzondo yabo yakhula.

Ngolunye usuku lapho abafowabo bakaJosefa beluse izimvu zikayise, uJakobe uthuma uJosefa ukuba abone ukuthi bahleli kanjani. Uma abafowabo bembona eza, abanye babo bathi: ‘Masimbulale!’ Kodwa uRubheni, umfowabo omdala, uthi: ‘Cha, ningakwenzi lokho!’ Kunalokho bayambamba uJosefa bamphonsa emgodini ongenamanzi. Bese behlala phansi becabanga ukuthi bamenzeni.

Cishe ngalesi sikhathi kuza amadoda akwa-Ishmayeli. UJuda athi kubafowabo: ‘Masimthengise kwabakwa-Ishmayeli.’ Yilokho abakwenzayo. Bathengisa uJosefa ngezinhlamvu ezingama-20 zesiliva. Yeka ukuba nonya kwaleso senzo!

Bazothini kuyise abafowabo? Babulala imbuzi bacwilise ijazi likaJosefa elihle egazini layo. Bese bethatha leli jazi baye ekhaya kuyise uJakobe bathi: ‘Sithole lokhu, ake ukubheke ubone ukuthi akulona yini ijazi likaJosefa.’

UJakobe uyabona ukuthi yilo. ‘Isilwane sasendle kufanele ukuba simbulele uJosefa,’ ekhala. Yilokho abafowabo bakaJosefa ababefuna uyise akucabange. UJakobe udabuke kakhulu. Ulila izinsuku eziningi. Kodwa uJosefa akafile. Ake sibone ukuthi kwenzekani kuye lapho eyiswa khona.