Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 22

UJosefa Uzondwa Abafowabo

UJosefa Uzondwa Abafowabo

UJOSEFA uneminyaka eyi-17 kuphela ngesikhathi eyiswa eGibhithe. Lapho uthengiswa endodeni okuthiwa uPotifari. UPotifari usebenzela inkosi yaseGibhithe, okuthiwa uFaro.

UJosefa uyisebenzela kanzima inkosi yakhe, uPotifari. Ngakho uma uJosefa esekhulile, uPotifari umbeka phezu kwayo yonke indlu yakhe. Pho, kungani uJosefa elapha ejele? Kungenxa yomkaPotifari.

UJosefa uyakhula uba yindoda enhle, umkaPotifari ufuna ukuba alale naye. Kodwa uJosefa uyazi ukuthi lokhu akulungile, akanakukwenza. UmkaPotifari uyathukuthela. Ngakho uma indoda yakhe isifika ekhaya, uqamba amanga kuyo athi: ‘Lo Josefa omubi uzame ukulala nami!’ UPotifari uyamkholelwa umkakhe, abesemthukuthelela kakhulu uJosefa. Ngakho umfaka ejele.

Umphathi wejele uyabona ngokushesha ukuthi uJosefa uyindoda elungile. Ngakho umbeka phezu kwazo zonke iziboshwa. Kamuva uFaro uthukuthelela umphathizitsha nombhakizinkwa wakhe, abavalele ejele. Ngobunye ubusuku bayaphupha bobabili, kodwa abazi ukuthi amaphupho abo asho ukuthini. Ngakusasa uJosefa uthi: ‘Ngitsheleni amaphupho enu.’ Uma bemtshela uJosefa ngokusizwa uNkulunkulu, uyawachaza amaphupho abo.

Kumphathizitsha, uJosefa uthi: ‘Ezinsukwini ezintathu uzokhishwa ejele, ube umphathizitsha kaFaro futhi.’ UJosefa anezele: ‘Uma uphuma, tshela uFaro ngami, ungisize ngiphume kule ndawo.’ Kodwa kumbhaki, uJosefa uthi: ‘Ezinsukwini ezintathu uFaro uzokunquma ikhanda.’

Ngemva kwezinsuku ezintathu kwenzeka njengokusho kukaJosefa. UFaro wanquma ikhanda lombhaki. Umphathizitsha, uyakhishwa ejele akhonze inkosi futhi. Kodwa uyakhohlwa uJosefa! Akamtsheli uFaro ngaye, ngakho uJosefa kufanele ahlale ejele.