Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 26

UJobe Uthembekile KuJehova

UJobe Uthembekile KuJehova

INGABE unozwela ngale ndoda egulayo? Igama layo uJobe, owesifazane umkakhe. Uyazi ukuthi uthini kuJobe? ‘Thuka uNkulunkulu ufe.’ Make sibone ukuthi kungani ayengasho into enjalo, nokuthi kungani uJobe ahlupheka kangaka.

UJobe wayeyindoda ethembekile elalela uJehova. Wayehlala ezweni lase-Uzi, elingekude naseKhanani. UJehova wamthanda kakhulu uJobe, kodwa kukhona othile owayemzonda. Uyazi ukuthi ubani?

KwakuwuSathane uDeveli. Khumbula, uSathane yingelosi embi ezonda uJehova. Yakwazi ukwenza u-Adamu no-Eva badelele uJehova, futhi wayecabanga ukuthi angenza wonke umuntu angamlaleli uJehova. Ingabe waphumelela? Cha. Cabanga nje ngamadoda nabesifazane abathembekile esiye safunda ngabo. Bangaki ongabasho?

Ngemva kokufa kukaJakobe noJosefa eGibhithe, uJobe wayengumuntu othembeke kunabo bonke kuJehova kuwo wonke umhlaba. UJehova wayefuna ukuba uSathane azi ukuthi wayengenakwenza bonke abantu babe babi, ngakho wathi: ‘Bheka uJobe. Bheka ukuthembeka kwakhe kimi.’

USathane wathi, ‘Uthembekile ngoba uyambusisa futhi unezinto eziningi ezinhle. Uma uzisusa kuye, uyokuthuka.’

Ngakho uJehova wathi: ‘Hamba uzisuse. Yenza konke okubi okufunayo kuJobe, sibone ukuthi uyongethuka na. Kuphela ungambulali.’

Okokuqala, uSathane wathuma abantu bantshontsha izinkomo zikaJobe namakameli, nezimvu zakhe zafa. Wabulala amadodana akhe ayi-10 namadodakazi ngesiphepho. USathane wabe eseshaya uJobe ngokugula okubi. UJobe wahlupheka kakhulu. Kungalokho umkaJobe athi kuye: ‘Thuka uNkulunkulu ufe.’ Kodwa uJobe wayengenakukwenza lokho. Abangane bamanga abathathu bamtshela ukuthi wayeziphethe kabi. Kodwa uJobe wahlala ethembekile.

Lokhu kwamjabulisa kakhulu uJehova, kamuva wambusisa uJobe, njengoba ungase ubone kulesi sithombe. Wamphilisa ekuguleni. UJobe waba nabanye abantwana abayishumi, nezinkomo, izimvu namakameli amaningi ngokuphindwe kabili kunangaphambili.

Ingabe uyothembeka njalo kuJehova njengoJobe? Uma kunjalo, uJehova uyokubusisa nawe futhi. Uyokwazi ukuphila phakade uma wonke umhlaba wenziwa ube muhle njengensimu yase-Edene.