Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 31

UMose No-Aroni Baya KuFaro

UMose No-Aroni Baya KuFaro

LAPHO uMose ebuyela eGibhithe, watshela umfowabo u-Aroni konke ngezibonakaliso. Lapho uMose no-Aroni bebonisa ama-Israyeli lezi zibonakaliso, abantu bakholwa ukuthi uJehova wayenabo.

Khona uMose no-Aroni baya kuFaro. Bamtshela: ‘UJehova uNkulunkulu wama-Israyeli uthi: “Vumela abantu bami bahambe izinsuku ezintathu, bangenzele umkhosi ehlane.”’ Kodwa uFaro waphendula: ‘Angikholelwa kuJehova. Angeke ngiwayeke ama-Israyeli ahambe.’

UFaro wathukuthela, ngoba abantu babefuna ukukhululeka emsebenzini ukuze bayokhulekela uJehova. Ngakho wabacindezela ngokungaphezulu. Ama-Israyeli asola uMose ngendlela embi ayephathwa ngayo, uMose wazizwa edabukile. Kodwa uJehova wamtshela ukuba angakhathazeki. ‘Ngizomenza uFaro adedele abantu bami bahambe,’ kusho uJehova.

UMose no-Aroni baphindela kuFaro. Manje benza isimangaliso. U-Aroni walahla phansi induku yakhe, yaba inyoka enkulu. Kodwa amadoda kaFaro ahlakaniphile nawo alahla izinduku, zaba yizinyoka. Kodwa, Bheka! Inyoka ka-Aroni idla izinyoka zamadoda ahlakaniphile. Nalapho uFaro akawavumelanga ama-Israyeli ahambe.

Ngakho kwafika isikhathi sikaJehova sokuba afundise uFaro isifundo. Uyazi ukuthi wakwenza kanjani? Ngokuletha izishayo noma izinhlupheko eziyi-10 eGibhithe.

Ngemva kweziningi zezishayo, uFaro wayebiza uMose, athi: ‘Susa lesi sishayo, ngizoyeka ama-Israyeli ahambe.’ Kodwa uma isishayo singasekho, uFaro wayeshintsha ingqondo futhi. Wayengabavumeli abantu bahambe. Ekugcineni, ngemva kwesishayo se-10, uFaro wawaxosha ama-Israyeli.

Uyazazi ngazinye lezi zishayo eziyi-10? Vula ikhasi sifunde ngazo.