Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 32

Izishayo Eziyi-10

Izishayo Eziyi-10

BHEKA lezi zithombe. Ngasinye sibonisa isishayo uJehova asiletha eGibhithe. Esithombeni sokuqala ungambona u-Aroni eshaya uMfula iNayile ngenduku yakhe. Lapho ekwenza, amanzi omfula aba yigazi. Izinhlanzi zafa, amanzi aqala ukunuka.

Ngokulandelayo, uJehova wabangela ukuba amaselesele aphume eMfuleni iNayile. Ayekuyo yonke indawo—kohhavini, amapani okubhaka, emibhedeni yabantu—yonke indawo. Lapho amasele efa abaseGibhithe bawabuthela ndawonye aba yinqwaba enkulu, izwe lanuka yiwo.

U-Aroni wayeseshaya umhlabathi, uthuli lwaphenduka omiyane. Lezi yizilwanyana ezindizayo ezilumayo. Omiyane babeyisishayo sesithathu eGibhithe.

Zonke ezinye izishayo zahlupha abaseGibhithe kuphela, hhayi ama-Israyeli. Esesine kwakuyisishayo sezimpukane ezinkulu (izibawu) ezagcwala ezindlini zabo bonke abaseGibhithe. Isishayo sesihlanu sasisezilwaneni. Eziningi zezinkomo, izimvu nezimbuzi zabaseGibhithe zafa.

Ngokulandelayo, uMose no-Aroni bathatha umlotha bawuthela emoyeni. Wabangela izilonda ezimbi kubantu nezilwane. Lesi kwakuyisishayo sesithupha.

Ngemva kwalokho uMose waphakamisela isandla sakhe esibhakabhakeni, uJehova wathumela isichotho nokuduma. Asizange sibe khona esifana naso eGibhithe.

Esesishiyagalombili kwakuyisikhonyane. Ngaphambi kwaleso sikhathi no-ma ngemva kwalokho akukaze kube nesikhonyane esiningi kangako. Sadla yonke into engonakaliswanga yisichotho.

Isishayo sesishiyagalolunye kwakuwubumnyama. Bamboza izwe izinsuku ezintathu, kodwa ama-Israyeli ayenokukhanya lapho ayehlala khona.

Ekugcineni, uJehova watshela abantu bakhe ukuba bafafaze igazi lemvu noma lembuzi ezinsikeni zeminyango yabo. Ingelosi kaNkulunkulu yadlula eGibhithe. Uma ibona igazi, ayizange ibulale muntu kuleyo ndlu. Kodwa kuzo zonke izindlu lapho kwakungekho gazi ensikeni yomnyango, ingelosi kaNkulunkulu yabulala amazibulo kokubili awabantu nawezilwane. Lesi kwakuyisishayo se-10.

Ngemva kwalesi sishayo sokugcina, uFaro watshela ama-Israyeli ukuba ahambe. Abantu bakaNkulunkulu base belindele ukuhamba, ngabo lobo busuku baqala uhambo lokuphuma eGibhithe.