Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 33

Ukuwela ULwandle Olubomvu

Ukuwela ULwandle Olubomvu

BHEKA okwenzekayo! UMose lona olule induku yakhe phezu koLwandle OluBomvu. Labo abakanye naye abalondekile ngakolunye uhlangothi ngama-Israyeli. Kodwa uFaro nayo yonke impi yakhe bayaminza olwandle. Ake sibone ukuthi lokhu kwenzeka kanjani.

Njengoba sifundile, uFaro watshela ama-Israyeli ukuba ahambe eGibhithe ngemva kokuba uNkulunkulu elethe isishayo se-10 kwabaseGibhithe. Kwahamba amadoda angama-Israyeli acishe abe izi-600 000, nabesifazane abaningi nabantwana. Nenani elikhulu labanye abantu, ababa ngabakholwayo kuJehova, bahamba nama-Israyeli. Bonke bathatha izimvu zabo nezimbuzi nezinkomo.

Ngaphambi kokuba bahambe, ama-Israyeli acela kwabase-Gibhithe izingubo nezinto ezenziwe ngegolide nesiliva. AbaseGibhithe babesaba kakhulu, ngenxa yesishayo sokugcina. Ngakho banika ama-Israyeli yonke into ayeyicela.

Ngemva kwezinsuku ezimbalwa ama-Israyeli afika oLwandle OluBomvu. Afike aphumula. Ngaleso sikhathi, uFaro namadoda akhe baqala ukuzisola ngokuvumela ama-Israyeli ahambe. Bathi: ‘Sivumele izigqila zethu zihambe!’

Ngakho uFaro washintsha ingqondo futhi. Ngokushesha walungisa inqola yakhe yempi nebutho lakhe. Waqala ukusukela ama-Israyeli ngezinqola ezikhethekile ezingama-600, nazo zonke izinqola zempi zaseGibhithe.

Lapho ama-Israyeli ebona uFaro nebutho lakhe ewasukela, esaba kakhulu. Yayingekho indlela yokubaleka. Ngakolunye uhlangothi kwakukhona uLwandle OluBomvu, kanti ngakolunye naba abaseGibhithe beza. Kodwa uJehova wafaka ifu phakathi kwabantu bakhe nabaseGibhithe. Ngakho abaseGibhithe abakwazanga ukubona ama-Israyeli.

UJehova wabe esetshela uMose ukuba elule induku yakhe phezu koLwandle OluBomvu. Lapho ekwenza, uJehova wabangela ukuba kushaye umoya onamandla wasempumalanga. Amanzi olwandle ahlukana, avimbeka nhlangothi zombili.

Ama-Israyeli abe eseqala ukuhamba ewela ulwandle emhlabathini owomile. Kwathatha amahora amaningi ngezigidi zabantu nayo yonke imfuyo ukuba bawelele ngaphesheya ngokulondekile. Eku-gcineni abaseGibhithe bawabona ama-Israyeli futhi. Izigqila zabo zaziphunyula! Ngakho baphuthuma bangena olwandle bazilandela.

UNkulunkulu wabangela ukuba amasondo ezinqola zabo zempi awe. AbaseGibhithe besaba kakhulu baqala ukukhala: ‘UJehova uyawalwela ama-Israyeli. Masiphume lapha!’ Kodwa kwase kuphuze kakhulu.

Yileso sikhathi uJehova atshela ngaso uMose ukuba alule ingalo yakhe phezu koLwandle OluBomvu, njengoba ubonile esithombeni. Lapho uMose enza lokho, izindonga zamanzi zabuya zabamboza abaseGibhithe nezinqola zabo zempi. Yonke impi eyayilandele ama-Israyeli yangena olwandle. Akukho noyedwa waseGibhithe owasinda!

Yeka indlela abantu bakaJehova abajabula ngayo ngokusinda kwabo! Bacula ihubo lokudumisa uJehova, bethi: ‘UJehova unqobile. Amahhashi nabagibeli bawo uwaphonse olwandle.’ Udadewabo kaMose uMiriyamu wathatha isigubhu sakhe, futhi bonke abesifazane bamlandela nezigubhu zabo. Njengoba babedansa ngenjabulo, babecula iculo elifanayo nelaliculwa ngamadoda: ‘UJehova unqobile. Amahhashi nabagibeli bawo ubaphonse olwandle.’