Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 34

Uhlobo Olusha Lokudla

Uhlobo Olusha Lokudla

UNGASHO ukuthi laba bantu bacoshani phansi? Kufana nongqoqwane. Kumhlophe, kusazingcwecwana. Kodwa akuwona ungqoqwane; kungokuthile okudliwayo.

Sekucishe kube yinyanga ama-Israyeli eshiye iGibhithe. Asehlane. Kuncane ukudla okumila lapha, ngakho abantu bayakhononda, bathi: ‘Sengathi ngabe uJehova wasibulala eGibhithe. Kwakungcono khona sasikuthola ukudla esikufunayo.’

Ngakho uJehova uthi: ‘Ngizobangela ukuba ukudla kwehle phezulu njengemvula.’ Yilokho uJehova akwenzayo. Ngakusasa uma ama-Israyeli ebona le nto emhlophe yehlile, ayabuzana: ‘Yini?’

UMose uthi: ‘Lokhu ukudla uJehova aninikeze khona.’ Abantu bakubiza ngokuthi yiMANA. Kunambitheka njengamakhekhe amancane enziwe ngoju.

‘Kufanele nibuthe okulingene eniyokudla ngabanye,’ uMose etshela abantu. Ngakho benza kanjalo ekuseni nsuku zonke. Uma sekushisa ilanga, imana elisele enhlabathini liyancibilika.

UMose uthi futhi: ‘Akekho okufanele abeke imana izinsuku ezimbili.’ Kodwa abanye babantu abalaleli. Uyazi ukuthi kwenzekani? Ngakusasa imana abalibekile ligcwele izimpethu, liyanuka!

Nokho, kukhona usuku olulodwa lwesonto, uJehova atshela ngalo abantu ukuba babeke imana eliphindwe kabili. Lolu usuku lwesithupha. UJehova uthi elinye mabalibekele usuku olulandelayo, ngoba ngeke liwe ngosuku lwesikhombisa. Uma beligcina imana kuze kube usuku lwesikhombisa, alibi nazo izimpethu futhi alinuki! Lesi esinye isimangaliso!

Kuyo yonke iminyaka ama-Israyeli asehlane ngayo uJehova uwondla ngemana.