Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 35

UJehova Unika Imithetho

UJehova Unika Imithetho

NGEMVA cishe kwezinyanga ezimbili ama-Israyeli esukile eGibhithe, afika eNtabeni iSinayi, okuthiwa futhi iHorebe. Yiyo le ndawo futhi uJehova akhuluma noMose kuyo esihlahleni esivuthayo. Abantu bahlala lapha isikhashana.

Njengoba abantu belindile ngezansi, uMose ukhwela intaba. Phezulu entabeni, uJehova utshela uMose ukuthi ufuna ama-Israyeli amlalele abe abantu baKhe abakhethekile. Uma uMose ebuya, utshela ama-Israyeli okushiwo uJehova. Abantu bathi bayomlalela uJehova ngoba bafuna ukuba ngabantu bakhe.

Manje uJehova wenza into esabekayo. Wenza isiqongo sentaba sishunqe, kube nokuduma okukhulu. Ukhuluma nabantu: ‘NginguJehova uNkulunkulu wenu onikhiphe eGibhithe.’ Abe esebayala: ‘Ningabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.’

UNkulunkulu unikeza ama-Israyeli eminye imiyalo engu-9, noma imithetho. Abantu besaba kakhulu. Bathi kuMose: ‘Khuluma wena nathi, ngoba sesaba ukuthi uma kukhuluma uJehova singafa.’

Kamuva uJehova uthi kuMose: ‘Woza lapha kimi entabeni. Ngizokunika amatshe amabili ayizicaba engibhalé kuwo imithetho engifuna abantu bayigcine.’ Ngakho uMose ukhuphukela entabeni futhi. Uhlala khona izinsuku ezingama-40 nobusuku.

UNkulunkulu unemithetho eminingi yabantu bakhe. UMose uyibhala phansi. UNkulunkulu umnika futhi amatshe amabili ayizicaba. Kuwona, uJehova ngokwakhe ubhale imithetho eyi-10 ayikhulume kubantu bonke. Ibizwa ngokuthi imiYalo Eyishumi.

ImiYalo Eyishumi iyimithetho ebalulekile. Ngokufanayo futhi nangeminingi eminye imithetho uJehova ayinika ama-Israyeli. Omunye wale mithetho uthi: ‘Uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yonke, ingqondo yonke, umphefumulo wonke nangawo wonke amandla akho.’ Omunye uthi: ‘Uthande umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.’ Indodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu yathi lena imithetho emibili emikhulu uJehova ayinikeza abantu bakhe u-Israyeli. Kamuva sizofunda okuningi ngeNdodana kaJehova nezimfundiso zayo.