Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 38

Izinhloli Eziyi-12

Izinhloli Eziyi-12

BHEKA izithelo eziphethwe yila madoda. Ake ubheke ubukhulu behlukuzo lamagrebhisi. Kudingeka amadoda amabili ukuba aliphathe ngenduku. Bheka amakhiwane namapomegranati. Lezi zithelo ezinhle zivelephi? Ezweni laseKhanani. Khumbula, iKhanani kulapho u-Abrahama, u-Isaka noJakobe babehlala khona. Kodwa ngenxa yendlala khona, uJakobe nomkhaya wakhe bathuthela eGibhithe. Manje, eminyakeni ecishe ibe ngama-216 kamuva, uMose uholela ama-Israyeli emuva eKhanani. Manje basendaweni esehlane okuthiwa yiKadeshi.

Kunabantu ababi abahlala eKhanani. Ngakho uMose uthuma izinhloli eziyi-12, athi kuzo: ‘Hlolani ukuthi kunabantu abangaki khona, nokuthi banamandla kangakanani. Hlolani ukuthi inhlabathi ikulungele yini ukutshala izinto. Niphathe izithelo zakhona.’

Uma izinhloli zibuyela eKadeshi, zithi kuMose: ‘Izwe lihle ngempela.’ Njengobufakazi zibonisa uMose izithelo. Kodwa eziyi-10 zezinhloli zithi: ‘Abantu abahlala khona bakhulu banamandla. Bazosibulala uma sizama ukuthatha izwe.’

Ama-Israyeli ayesaba uma ezwa lokhu. Athi: ‘Bekungaba ngcono ukufa eGibhithe noma lapha ehlane. Sizobulawa empini, futhi abafazi bethu nezingane bazothunjwa. Masikhethe umholi omusha esikhundleni sikaMose, sibuyele eGibhithe!’

Kodwa ezimbili zezinhloli zithembele kuJehova, zizama ukuthulisa abantu. Amagama azo uJoshuwa noKalebi. Zithi: ‘Ningesabi. UJehova unathi. Sizolithatha kalula izwe.’ Kodwa abantu abezwa. Bafuna ngisho nokubabulala oJoshuwa noKalebi.

Lokhu kuyamthukuthelisa uJehova, athi kuMose: ‘Abekho abantu abasukela eminyakeni engama-20 kuye phezulu abayongena ezweni laseKhanani. Bazibonile izimangaliso engazenza eGibhithe nasehlane, kodwa abangethembi. Ngakho bayozula ehlane iminyaka engu-40 kuze kufe owokugcina wabo. Kuyongena uJoshuwa noKalebi kuphela ezweni laseKhanani.’