Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 39

Induku Ka-Aroni Inezimbali

Induku Ka-Aroni Inezimbali

BHEKA izimbali nama-alimondi avuthiwe amila kule nduku. Lena induku ka-Aroni. Lezi zimbali nezithelo ezivuthiwe zamila endukwini ka-Aroni ngobusuku obubodwa nje! Ake sibone ukuthi kungani.

Sekuyisikhathi manje ama-Israyeli ezula ehlane. Abanye abantu ababoni ukuthi uMose ufanelekile ukuba umholi, noma ukuthi u-Aroni ufanelekile ukuba umpristi omkhulu. UKhora ungomunye ocabanga kanjalo, ngokufanayo noDathani, u-Abhiramu nabaholi abawu-250 babantu. Bonke laba beza kuMose bathi: ‘Kungani uye waziphakamisa ngaphezu kwethu sonke?’

UMose utshela uKhora nabalandeli bakhe: ‘Kusasa ekuseni thathani imicengezi yomlilo nempepho kuyo. Wozani etabernakele likaJehova. Sizobona ukuthi uJehova uzokhetha bani.’

Ngakusasa uKhora nabalandeli bakhe abangama-250 beza etabernakele. Abaningi abanye bayeza besekela la madoda. UJehova uthukuthele. ‘Sukani ematendeni ala madoda amabi,’ kusho uMose. ‘Ningathathi lutho olungolwawo.’ Abantu bayalalela, basuke ematendeni oKhora, uDathani no-Abhiramu.

UMose athi: ‘Ngalokhu nizokwazi ukuthi uJehova ukhethé bani. Umhlabathi uzovuleka ugwinye la madoda amabi.’

Lapho uMose eqeda nje ukukhuluma, umhlabathi uyavuleka. Itende likaKhora nokungokwakhe nelikaDathani no-Abhiramu nabangababo bashone phansi umhlabathi ubamboze. Uma abantu bezwa ukukhala kwalabo abawela emhlabathini, bayamemeza: ‘Balekani! Umhlaba ungase usigwinye nathi!’

UKhora nabalandeli bakhe abangama-250 baseseduze netabernakele. Ngakho uJehova uthumela umlilo, bashe bonke. UJehova abe esetshela indodana ka-Aroni u-Eleyazare ukuba ithathe imicengezi yomlilo yala madoda afile yenze izingcwecwe zokumboza i-altare. Lezi zingcwecwe zokumboza i-altare ziyoba isixwayiso kuma-Israyeli ukuba kungabi namuntu ngaphandle kuka-Aroni namadodana akhe oyoba njengompristi kaJehova.

Kodwa uJehova ufuna ukwenza kukhanye ukuthi u-Aroni namadodana akhe abakhethé ukuba bahole babe ngabapristi. Ngakho utshela uMose: ‘Makuthi umholi wesizwe ngasinye sakwa-Israyeli alethe induku yakhe. Ngokuqondene nesizwe samaLevi, u-Aroni alethe induku yakhe. Ngayinye yalezi zinduku yifake etabernakele phambi komphongolo wesivumelwano. Induku yomuntu engimkhethe njengompristi iyomila izimbali.’

Uma uMose ebheka ngakusasa, bheka, induku ka-Aroni inalezi zimbali nama-alimondi avuthiwe amila kuyo! Usuyabona-ke manje ukuthi kungani uJehova amilisa izimbali endukwini ka-Aroni?